Wena wathi enhliziyweni yakho : Ngiyakukhuphukela ezulwini , ngiphakamise isihlalo sami sobukhos i phezu kwezinkanyezi zikaNkulunkulu, ngihlale entabeni yomhlangano ngasekugcineni kwasenyakatho.
iGomere nawo onke amaviyo alo , indlu kaThogarma ngasekugcineni kwasenyakatho nawo onke amaviyo akhe, abantu abaningi kanye nawe.
Uyakuvela endaweni yakho ekugcineni kwasenyakatho , wena nabantu abaningi kanye nawe , bonke bekhwele amahhashi , iviyo elikhulu nempi enamandla,
Nanka amagama ezizwe . Kusukela ekugcineni kwasenyakatho eceleni kwendlela yaseHetiloni kuze kube sekuyeni eHamati naseHasari Enani , emkhawulweni waseDamaseku ngasenyakatho , eceleni kweHamati , uDani uyakuba nesabelo , abe nohlangothi lwasempumalanga kuze kube sentshonalanga.