"kwathiwa"
26 occurrences in ZUL
Kwathi emva kwalezo zinto kwathiwa kuJosefa : Bheka, uyihlo uyagula . Wayesethatha amadodana akhe omabili, oManase no-Efrayimi.
UMose wayeseyala , kwamenyezelwa ekamu , kwathiwa: Makungabe kusasetshenzwa ngowesilisa nangowesifazane omunye umsebenzi womnikelo wendlu engcwele. Base bevinjelwa abantu ukuletha.
Inkosi yaseJeriko yatshelwa ; kwathiwa: Bheka, kwafika lapha ebusuku amadoda abantwana bakwa-Israyeli ukuba ahlole izwe.
Kwathiwa kumaGaza : USamsoni ufikile lapha . Bamhaqa, bamqamekela ubusuku bonke esangweni lomuzi ; bathula ubusuku bonke , bathi: Makube sekukhanyeni kokusa; khona siyakumbulala.
Wayeseya naye eRama , wafika emthonjeni oseSeku , wabuza ukuthi: Baphi oSamuweli noDavide na? Kwathiwa: Bheka, baseNayoti eRama.
Naye wakhumula izingubo zakhe, waprofetha naye phambi kukaSamuweli, walala phansi enqunu lonke lolo suku nabo bonke lobo busuku . Ngalokho kwathiwa: Naye uSawule uphakathi kwabaprofethi na?
Ukunqoba ngalolo suku kwaphenduka isililo kubantu bonke , ngokuba abantu bezwa kwathiwa ngalolo suku: Inkosi idabukile ngendodana yayo.
Yayisisuka inkosi , yahlala esangweni . Kwathiwa kubo bonke abantu : Bhekani, inkosi ihlezi esangweni . Base befika abantu bonke phambi kwenkosi. Kepha ab akwa-Israyeli babebalekele , kwaba yilowo nalowo etendeni lakhe.
ngokuba kwathiwa kimi ngezwi likaJehova: Awuyikudla sinkwa, ungaphuzi manzi khona, ungabuyi ngendlela oze ngayo.
Labo bafuna ukubhalwa kwabo phakathi kwababhaliweyo ngezizukulwane , kepha kabafunyanwanga ; ngalokho bakhishwa ebupristini , kwathiwa bangcolile.
Labo bafuna ukubhalwa kwabo phakathi kwababhaliweyo ngezizukulwane, kepha akufunya nwanga; ngalokho kwathiwa bangcolile , bakhishwa ebupristini.
lapho kwathiwa : Ake nibuye , kube yilowo nalowo endleleni yakhe embi , nasebubini bezenzo zenu , nihlale ezweni uJehova alinike nina nawoyihlo, kusukela phakade kuze kube phakade,
Bheka, esinye isilo, esesibili, sinjengebhere, samiswa ngolunye uhlangothi , izimbambo ezintathu zisemlonyeni waso phakathi kwamazinyo aso ; kwathiwa kuso: Vuka, udle inyama eningi.
Yayisikuzwa inkosi uHerode , ngokuba lalidumile igama lakhe . Kwathiwa uJohane uMbhapathizi uvukile kwabafileyo ; kungalokho lawa mandla asebenza kuye.
nasendaweni lapha kwathiwa kubo : Anisibo abantu bami , lapho bayakubizwa ngokuthi: Abantwana bakaNkulunkulu ophilayo.
Ngokuba lowo kwathiwa ufanele inkazimulo enkulu kunoMose , njengalokhu oyakhileyo indlu unodumo olukhulu kunendlu.