Skip to Content

"kwefu"

5 occurrences in ZUL

Isiprofetho ngeGibithe. Bheka, uJehova ukhwele phezu kwefu elinejubane, uyeza eGibithe ; onkulunkulu baseGibithe bayathuthumela ebusweni bakhe , nezinhliziyo zabaseGibithe ziphela amandla phakathi kwabo.

Ngokuba angithandi , bazalwane, ukuba ningazi ukuthi okhokho bethu bonke babephansi kwefu, bonke badabula ulwandle;

Ngase ngibona; bheka, nanto ifu elimhlophe, naphezu kwefu kuhlezi ofana nendodana yomuntu enomqhele wegolide ekhanda lakhe nasesandleni sakhe enesikela elibukhali.

Enye ingelosi yayisiphuma ethempelini , imemeza ngezwi elikhulu , ithi kohlezi phezu kwefu : Faka isikela lakho , uvune, ngokuba kufikile isikhathi sokuvuna, ngokuba sekomile okuvunwayo komhlaba.

Ohlezi phezu kwefu wayeseliphonsa isikela emhlabeni ; wawusuvunwa umhlaba.