Bheka, kwehle umlilo ezulwini , waqeda izinduna zamashumi ayisihlanu ezimbili zokuqala zinamashumi ayisihlanu azo; kepha manje makube yigugu emehlweni akho ukuphila kwami.
Ogulayo wamphendula wathi : Nkosi, anginamuntu wokungifaka echibini , nxa amanzi ezanyazanyiswa; kuthi ngiseza, kwehle omunye phambi kwami.