"kwejordani"
63 occurrences in ZUL
Kwathi uJesu eseqedile lawo mazwi , wamuka eGalile, weza emikhawulweni yaseJudiya phesheya kweJordani.
Baya, bafika eGoreni Hathadi elingaphesheya kweJordani ; lapho bakhala nokukhala impela , okunzima kakhulu ; wamenzela uyise isililo izinsuku eziyisikhombisa.
Abakhileyo ezweni , amaKhanani, sebebone isililo eGoreni Ha thadi bathi : Lokhu kuyisililo esinzima sabaseGibithe . Ngalokho igama laleyo ndawo laqanjwa ngokuthi i-Abela Misirayimi elingaphesheya kweJordani.
U-Amaleki wakhile ezweni laseningizimu; amaHeti, namaJebusi, nama- Amori ahlala ezintabeni ; amaKhanani akhile ngaselwandle naseceleni kweJordani.
Abantwana bakwa -Israyeli bahamba , bamisa emathafeni akwaMowabi ngaphesheya kweJordani ngaseJeriko.
Ngokuba asiyikulidla ifa nabo ngaphesheya kweJordani nangaphambili , lokhu silidlile elethu nganeno kweJordani ngasempumalanga.
Siyakuwela, siye ezweni laseKhanani phambi k ukaJehova sihlomile , izwe lefa lethu lisale nokho ngaphesheya kweJordani.
lezi zizwe ezimbili nenxenye zathola ifa lazo ngaphesheya kweJordani ngaseJeriko ngasempumalanga, lapho kuphuma khona ilanga. Ukukhethwa kwamadoda okwahlukanisa ifa lezwe
Niyakunikela imizi emithathu ngaphesheya kweJordani , ninikele imizi emithathu ezweni laseKhanani ibe yimizi yokuphephela.
Lawa angamazwi uMose awakhuluma kubo bonke abakwa -Israyeli ngaphesheya kweJordani ehlane e -Araba, malungana neSufi , phakathi kwePharanu, neThofeli, neLabani, neHaseroti, neDi Zahabi,
Salithatha ngaleso sikhathi izwe esandleni samakhosi ama-Amori aphesheya kweJordani, kusukela esigodini sase -Arinoni kuze kube sentabeni yaseHermoni
uJehova aze aphe abafowenu ukuphumula njengani , nabo balidle izwe uJehova uNkulunkulu wenu ayakubanika lona ngaphesheya kweJordani , andukuba nibuyele, kube yilowo nalowo ezweni lakhe engininike lona.
ngaphesheya kweJordani esigodini malungana neBeti Peyori ezweni likaSihoni inkosi yama -Amori, owahlala eHeshiboni, owanqotshwa nguMose nabantwana bakwa-Israyeli ekuphumeni kwabo eGibithe.
Balithatha izwe lakhe , balidla kanye nezwe lika -Ogi inkosi yaseBashani , amakhosi amabili ama -Amori ayengaphe sheya kweJordani ngasempumalanga,
nalo lonke i-Araba ngaphesheya kweJordani ngasempumalanga, kuze kube seLwandle lwase-Araba phansi kwemithambeka yasePisiga.
Angithi zipheshe ya kweJordani ngalaphaya kwendlela yasentshonalanga ezweni lamaKhanani ahlala e -Araba, malungana neGiligali ngaseceleni kwama-oki aseMore na?
Dabulani phakathi kwekamu, niyale abantu, nithi: Zilungiseleni umphako, ngokuba emva kwezinsuku ezintathu niyakuwela leli Jordani , ningene ukuba nilidle izwe uJehova uNkulunkulu wenu aninika lona ukuba nilizuze. Isiyalezo sikaJoshuwa ukuba izizwe zasempumalanga zisize ukunqoba izwe elingasentshonalanga kweJordani
Omkenu, nabantwana benu , nezinkomo zenu bayakuhlala ezweni uMose aninika lona ngaphesheya kweJordani ; kepha nina niyakuwela phambi kwabafowenu nihlomile, nonke nina maqhawe anamandla, nibasize,
uJehova aze aphumuze abafowenu njengani , nabo badle izwe uJehova uNkulunkulu wenu abanika lona, andukuba nibuyele ezweni lefa lenu aninika lona uMose inceku kaJehova ngaphesheya kweJordani ngasempumalanga , nilidle.
Ngokuba sizwile ukuthi uJehova womisa amanzi oLwandle Olubomvu phambi kwenu ekuphumeni kwenu eGibithe nokuthi wenzani kuwo amakhosi amabili ama -Amori ayengaphesheya kweJordani , oSihoni no -Ogi, enawaqothulayo.
niwayale nithi : Zikhipheleni lapha phakathi kweJordani , endaweni lapho izinyawo zabapristi zazimi khona ziqinile , amatshe ayishumi nambili, niwele nawo, niwabeke endaweni eniyakulala kuyo ebusuku.
UJoshuwa wathi kuwo : Welani phambi komphongolo kaJehova uNkulunkulu wenu , niye phakathi kweJordani , netshathe, kube yilowo nalowo itshe ehlombe lakhe njengokomumo wezizwe zabantwana bakwa - Israyeli
Abantwana bakwa -Israyeli benza -ke njengalokho uJos huwa ebayalile , bakhipha amatshe ayishumi nambili phakathi kweJordani , njengalokho uJehova ekhulumile kuJoshuwa , njengokomumo wezizwe zabantwana bakwa-Israyeli; bawela nawo, baya endaweni yokulala, bawabeka khona.
Kwathi lapho abapristi abathwala umphongolo wesivumelwano sikaJehova sebenyuke phakathi kweJordani , amathe ezinyawo zabapristi esefike emhlabathini owomileyo , amanzi aseJordani abuyela endaweni yawo , aphuphuma lonke ugu njengakuqala.
Kwathi onke amakhosi ama -Amori ayengaphesheya kweJordani ngasentshonalanga, nawo onke amakhosi amaKhanani ayengaselwandle esezwa ukuthi uJehova womise amanzi aseJordani phambi kwabantwana bakwa-Israyeli saze sawela , izinhliziyo zabo zaphela amandla , kungabe kusaba khona sibindi ngenxa yabantwana bakwa-Israyeli.
UJoshuwa wathi: Maye, Nkosi Nkulunkulu! Ubaweliseleni iJordani nakanye laba bantu ukuba usinikele esandleni sama -Amori, usibhubhise, na? Sengathi nga saneliswa ukuhlala ngaphesheya kweJordani!
Kwathi lapho onke amakhosi ayengaphesheya kweJordani , ezintabeni, nasemathafeni, nasogwini lonke loLwandle Olukhulu olubhekene neLebanoni, amaHeti, nama-Amori, namaKhanani, namaPherizi, namaHivi, namaJebusi, esezwa lokho,
nakho konke akwenza kuwo amakhosi omabili ama-Amori ayengaphesheya kweJordani, uSihoni inkosi yaseHeshiboni no -Ogi inkosi yaseBashani , eyayise-Ashitaroti.
Lawa angamakhosi ezwe anqotshwa ngabantwana bakwa -Israyeli, belidla izwe lawo ngaphesheya kweJordani ngasempumalanga , kusukela esigodini sase-Arinoni kuze kube sentabeni yaseHermoni, nalo lo nke i -Araba ngasempumalanga:
Lawa angamakhosi ezwe anqotshwa nguJoshuwa nangabantwana bakwa- Israyeli ngaphesheya kweJordani ngasentshonal anga, kusukela eBali Gadi esigodini saseLebanoni kuze kufike entabeni yaseHalaki eyenyukela eSeyiri , uJoshuwa walinika izizwe zakwa-Israyeli libe yifa ngokwezabelo zabo
Kanye naye abakwaRubeni nabakwaGadi balamukela ifa abanika lona uMose ngaphesheya kweJordani ngasempumalanga , njengalokho inceku kaJehova uMose yabanika:
nasesigodini: iBeti Haramu , neBeti Nimra , neSukoti, neSafoni, insali yombuso kaSihoni inkosi yaseHeshiboni , iJordani nogu lwalo , kuze kufike ekupheleni kolwandle lwaseKinereti phesheya kweJordani ngasempumalanga.
Ngokuba uMose wayezinikile izizwe ezimbili nenxenye yesizwe ifa ngaphesheya kweJordani, kepha amaLevi akawanikanga ifa phakathi kwabo.
Umkhawulo wasempumalanga wawuluLwandle Lukasawoti kuze kufike ekugcineni kweJordani. Umkhawulo wasohlangothini lwasenyakatho wasuka ethekwini lolwandle ngasekugcineni kweJordani;
Ngokuba amaLevi awanasabelo phakathi kwenu , lokhu ubupristi bukaJehova buyifa lawo ; oGadi noRubeni nenxenye yesizwe sakwaManase sebamukela ifa labo ngaphesheya kweJordani ngasempumalanga abanika lona uMose inceku kaJehova.
umkhawulo wadlula , waya eceleni kweBeti Hogila ngasenyakatho , ukuphuma komkhawulo kwakungasethekwini lasenyakatho koLwandle Lukasawoti ngasekugcineni kweJordani ngaseningizimu; lokho kwakungumkhawulo waseningizimu.
Phesheya kweJordani ngaseJeriko ngasempumalanga bamisa iBeseri ehlane ethafeni esizweni sakwaRubeni, neRamoti kwaGileyadi esizweni sakwaGadi , neGolanu eBashani esizweni sakwaManase.
Manje uJehova uNkulunkulu wenu ubanikile abafowenu ukuphumula njengalokho ebekhuluma kubo ; ngalokho buyani , niye e matendeni enu ezweni lefa lenu aninika lona uMose inceku kaJehova ngaphesheya kweJordani.
Inxenye yesizwe sakwaManase uMose wayeyabele izwe eBashani , kepha inxenye uJoshuwa way inika izwe phakathi kwabafowabo phesheya kweJordani ngasentshonalanga . Lapho uJoshuwa esebamukisa ukuba baye ematendeni abo, wababusisa, wakhuluma kubo, wathi:
Nganingenisa ezweni lama -Amori ahlala ngaphesheya kweJordani , alwa nani; ngawanikela esandleni senu , nadla izwe lawo ; ngawachitha phambi kwenu.
UGileyadi wahlala pheshey a kweJordani; uDani walibalelani emikhunjini na? U-Asheri wahlala ngasogwini lolwandle, wasala ngasemathekwini akhe.
Abamba izikhulu ezimbili zakwaMidiyani , o-Orebi noZebi , ambulala u - Orebi ngasedwaleni lika-Orebi, noZebi bambulala ngasesikhamweni sewayini sikaZebi, abaxosha abakwaMidiyani ; aletha ikhanda lika -Orebi nelikaZebi kuGideyoni phesheya kweJordani.
Bakhathaza, bacindezela abantwana bakwa -Israyeli ngalowo mnyaka ; iminyaka eyishumi nesishiyagalombili babacinde zela bonke abantwana bakwa-Israyeli ababengaphesheya kweJordani ezweni lama -Amori elikwaGileyadi.
Lapho abantu bakwa -Israyeli ababe ngaphesheya kwesigodi nalabo ababe ngaphesheya kweJordani bebona ukuthi abantu bakwa -Israyeli babaleka nokuthi uSawule namadodana akhe bafile, bashiya imizi, babaleka; amaFilisti afika, ahlala kuyo.
Wahamba wenza njengezwi likaJehova , ngokuba wahamba wahlala ngasemfudlaneni iKeriti ongaphambi kweJordani.
naphesheya kweJordani ngaseJeriko ngasempumalanga kwaseJorda ni esizweni sakwaRubeni iBeseri ehlane namadlelo alo, neJahasa namadlelo alo,
Ngaphesheya kweJordani kwabakwaGadi nasenxenyeni yesizwe sakwaManase, benezikhali zonke zempi zokulwa, yizinkulungwane eziyikhulu namashumi amabili.
KumaHebroni uHashabiya n abafowabo, amaqhawe anamandla , beyinkulungwane namakhulu ayisikhombisa, babe ngababonisi kwa -Israyeli phesheya kweJordani ngasentshonalanga emsebenzini wonke kaJehova nasenkonzweni yenkosi.
Kepha ukuhwelela akuyikuba khona kohluphek ayo. Njengesikhathi esidlule senza ukuba kufiliswe izwe lakwaZebuloni nezwe lakwaNafetali , isikhathi esizayo siyakwenza ukuba ikhazimule indlela yolwandle ngaphesheya kweJordani, isifunda sabezizwe.
Uma ugijimile nemigundatshani , yakukhathaza, ungancintisana kanjani namahhashi na? Uma wethemba ezweni lokuthula kuphela, uyakwenze njani ekukhukhumaleni kweJordani na?
Izixuku eziningi zamlandela zivela eGalile , naseDekapholi, naseJerusalema, naseJudiya, nangaphesheya kweJordani.
naseJerusalema, nase-Idumiya, nangaphesheya kweJordani , nangaseTire, naseSidoni; isixuku esikhulu sesizwile konke akwenzayo seza kuye.
Wasuka lapho , weza emikhawulweni yaseJudiya nangaphesheya kweJordani; izixuku zabuye zabuthana kuye , waphinda wabafundisa abantu njengokujwayela kwakhe.