Ukuphakama kwensika eyodwa kwakuyizingalo eziyishumi nesishiyagalombili; phezu kwayo kwakukhona isihloko sethusi ; ukuphakama kwesihloko esisodwa kwakuyizingalo ezi ntathu; kwakukhona nenetha namapomegranati phezu kwesihloko nxazonke , konke kwakun gokwethusi; kwakunjalo nasensikeni yesibili enetheni.
Izinsika-ke, ukuphakama kwensika eyodwa kwakuyizingalo eziyishumi nesishiyagalombili; umucu oyizingalo eziyishumi nambili wawuyizungeza ; uhlonze lwayo lwaluyiminwe emine, yayiyigobongo.
bebeka umbundu wabo ngasembundwi ni wami , nensika yabo yomnyango eceleni kwensika yami , kube ludo nga kuphela phakathi kwami nabo , belingcolisa igama lami elingcwele ngezinengiso zabo abazenzileyo , okungalokho ngabaqeda ngolaka lwami.