Skip to Content

"kwesiliva"

4 occurrences in ZUL

Ngokuba wena Nkulunkulu usilingile , wasihlanza njengokuhlanzwa kwesiliva.

Njengokuqoqwa kwesiliva nethusi nensimbi nomthofu nethini phakathi kwesithando ukuba kufuthwe umlilo phezu kwakho ukukuncibilikisa, kanjalo ngiyakunibutha ngentukuthelo yami nangokufutheka kwami , nginibeke khona, nginincibilikise.

Njengokuncibilikiswa kwesiliva phakathi kwesithando , kanjalo niyakuncibilikiswa phakathi kwaso , nazi ukuthi mina Jehova ngithululile ukufutheka kwami phezu kwenu.

Ngiyakungenisa inxenye yesithathu emlilweni , ngibacwengisise njengokucwengisiswa kwesiliva, ngibavivinye njengokuvivinywa kwegolide ; bayakubiza igama lami, ngibaphendule, ngithi: Bangabantu bami; base bethi: UJehova unguNkulunkulu wami.