Skip to Content

"kwetabernakele"

22 occurrences in ZUL

Wenze izilenge ngoboya bezimbuzi , zibe yitende phezu kwetabernakele , uzenze zibe yizilenge eziyishumi nanye.

Okudluleleyo kwezilenge zetende , okuseleyo, inxenye yesilenge esiseleyo , kuyakulenga emva kwetabernakele.

Wazenza izilenge ngoboya bezimbuzi, zibe yitende phezu kwetabernakele ; wazenza izilenge eziyishumi nanye.

Weneka itende phezu kwetabernakele , wabeka isifulelo setende phezu kwalo, njengalokho uJehova emyalile uMose.

Ngokuba ifu likaJehova laliphezu kwetabernakele emini , nomlilo wawukulo ebusuku emehlweni ayo yonke indlu yakwa -Israyeli ezinkambeni zabo zonke. ULEVITIKUS

engayilethanga emnyango wetende lokuhlangana ukunikela ngayo ibe ngumnikelo kaJehova ngaphambi kwetabernakele likaJehova , lowo muntu wobalelwa icala legazi ; uchithile igazi; lowo muntu uyakunqunywa kubantu bakubo.

kepha beka amaLevi phezu kwetabernakele lobufakazi , naphezu kwazo zonke izimpahla zalo , nakho konke okwalo ; ayakuthwala itabernakele nayo yonke impahla yalo; ayakukhonza kulo, amise alihaqe.

Ekusukeni kwetabernakele amaLevi ayakulisusa , ekumisweni kwalo amaLevi alimise; umfokazi osondelayo uyakubulawa.

Imindeni yamaGereshoni iya kumisa emva kwetabernakele ngasentshonalanga.

Isikhulu sendlu kayise wemindeni yamaMerari sasinguSuriyeli indodana ka- Abihayili; bayakumisa eceleni kwetabernakele ngasenyakatho.

Labo ab amisa phambi kwetabernakele ngasempumalanga , ngaphambi kwetende lokuhlangana ngasekuphumeni kwelanga , bayakuba ngoMose no - Aroni namadodana akhe, begcina inkonzo yendlu engcwele, begcina imfanelo yabantwana bakwa-Israyeli; umfokazi osondelayo uyakubulawa.

Zaletha iminikelo yazo phambi kukaJehova , izinqola eziyisithupha ezimboziwe, nezinkabi eziyishumi nambili, yilezo zikhulu ezimbili zinenqola inye, yileso sinenkunzi; zazethula phambi kwetabernakele.

Uma umfokazi egogobele phakathi kwenu , ethanda ukulenza iphasika kuJehova ngokwesimiso sephasika nangokomthetho walo , uyakwenze njalo; niyakuba nesimiso sinye kumfokazi nakowokuzalwa ezweni. Ifu elaliphezu kwetabernakele*

Ngosuku itabernakele elamiswa ngalo ifu lalisibekela itabernakele , itende lobufakazi; ngakusihlwa laliphezu kwetabernakele njengokubonakala komlilo kwaze kwaba sekuseni.

Ngesiyalezo sikaJehova abantwana bakwa-Israyeli bahamba, nangesiyalezo sikaJehova bamisa ; ngesikhathi ifu lihlala phezu kwetabernakele bahlala ekamu.

Nalapho ifu lihlala phezu kwetabernakele izinsuku eziningi , abantwana bakwa-Israyeli bagcina isiyalezo sikaJehova, abahambanga.

Ngesinye isikhathi ifu laliphezu kwetabernakele izinsuku eziyingcosana nje; khona ngesiyalezo sikaJehova bahlala ekamu , nangesiyalezo sikaJehova bahamba.

Noma kwakuyizinsuku ezimbili , noma inyanga , noma isikhathi esingakanani ifu lisahlezi phezu kwetabernakele , abantwana bakwa-Israyeli bahlala ekamu, abahambanga; kepha lapho lenyuswa, bahamba.

Makube kude nathi ukuba sihlubuke uJehova , sibuye namuhla ekumlandeleni uJehova ngokwakha i -altare leminikelo yo kushiswa, neleminikelo yempuphu, nelemihlatshelo, ngaphandle kwe-altare likaJehova uNkulunkulu wethu eliphambi kwetabernakele lakhe.

Bakhonza ngokuhlabelela phambi kwetabernakele letende lokuhlangana , uSolomoni waze wakha indlu kaJehova eJerusalema . Bema emse benzini wabo njengomthetho wabo.

noSadoki umpris ti nabafowabo abapristi ngaphambi kwetabernakele likaJehova endaweni ephakemeyo eyayiseGibeyoni

Futhi i -altare lethusi elalenziwe nguBesaleli indodana ka -Uri kaHure lalilapho phambi kwetabernakele likaJehova ; uSolomoni nebandla baya ukubuza kulo.