Nguwena owaphohloza amakhanda kaLeviyathani , wamnika abe ngukudla kwezidalwa zasehlane.
Isimo sezidalwa sasinjengamalahle omlilo avutha njengezibani , ahambahamba phakathi kwezidalwa ; umlilo wamenyezela, nasemlilweni kwaphuma unyazi.
Ngisabuka izidalwa, bheka, nanto isondo emhlabathini eceleni kwezidalwa, kuleso naleso sazo zozine.
Ekuhambeni kwezidalwa amasondo ahamba eceleni kwazo , nasekuphakanyisweni kwezidalwa emhlabeni namasondo aphakanyiswa.
Ngase ngizwa kungathi izwi phakathi kwezidalwa ezine lithi : Imbenge kakolweni ngodenariyu nezimbenge ezintathu zebhali ngodenariyu, kepha amafutha newayini ungakoni.
Bahlabelela igama elisha phambi kwesihlalo sobukhosi , naphambi kwezidalwa ezine, namalunga; kepha akubangakho onamandla okufunda lelo gama, kuphela abayizinkulungwane eziyikhulu namashumi amane nane abathengiweyo emhlabeni.