Ngalokho ababi abayikuma ekwahlulelweni , nezoni ebandleni labalungileyo.
Isiqalekiso sikaJehova sisendlini yababi , kepha uyabusisa ikhaya labalungileyo.
Ithemba labalungileyo liyakuba yintokozo , kepha abakwethembayo ababi kuyakubhubha.
Kungenxa yezono zabaprofethi balo nobubi babapristi bal o ababechitha igazi labalungileyo phakathi kwalo.