UMose wayengenakungena etendeni lokuhlangana , ngokuba ifu lahlala phezu kwalo, nenkazimulo kaJehova yagcwalisa itabernakele.
Nangesinye isikhathi ifu lahlala kusihlwa kwaze kwaba sekuseni ; nalapho ifu lenyuswa ekusen i, bahamba; noma lahlala ubusuku nemini , bahamba lapho ifu lenyuswa.
Agana emindenini yamadodana kaManase indodana kaJosefa , nefa lawo lahlala esizweni somndeni kayise.
Ibandla lonke lababuyileyo ekuthunjweni lenza amadokod o, lahlala emadokodweni, ngokuba kusukela ezinsukwini zikaJeshuwa , indodana kaNuni, kuze kube yilolo suku abantwana bakwa -Israyeli babengenzanga kanjalo. Kwakukhona ukuthokoza okukhulu kakhulu.