Skip to Content

"lalela"

18 occurrences in ZUL

UNkulunkulu wathi ku -Abrahama: Akungabi lukhuni emehlweni akho ngenxa yomfana nangenxa yesigqilakazi sakho ; kukho konke uSara akusho kuwe, lalela izwi lakhe, ngokuba inzalo yakho iyakubizwa ngo-Isaka.

Ngalokho, ndodana yami, lalela izwi lami kulokhu engikuyala ngakho.

Unina wayesethi kuye : Isiqalekiso sakho , ndodana yami , masibe phezu kwami; lalela izwi lami, uhambe ukungithathela wona.

Ngalokho, ndodana yami , lalela izwi lami : vuka ubalekele kuLabani umfowethu eHarana,

wathi: Uma u lalela nokulalela izwi likaJehova uNkulunkulu wakho , ukwenze okulungile emehlweni akhe , ulalele imiyalo yakhe , ugcine izimiso zakhe zonke , angiyikubeka phezu kwakho nasinye salezo zifo engizibeke phezu kwabaseGibithe, ngokuba nginguJehova okuphilisayo. Ukufika kwabakwa-Israyeli e-Elimi

Kalokhu lalela izwi lami , ngikululeke, uNkulunkulu abe nawe; ngithi: Yiba ngumkhulumeli wabantu phambi kukaNkulunkulu , ulethe izindaba kuNkulunkulu,

Zonke lezi zibusiso ziyakufika phezu kwakho , zikufice, uma uli lalela izwi likaJehova uNkulunkulu wakho.

Manje lalela izwi labo , ugamele nokugamela kubo kuphela , ubatshele amalungelo enkosi eyakubusa phezu kwabo.

UJehova wathi kuSamuweli : Lalela izwi labantu kukho konke abakushoyo kuwe, ngokuba akusuwe abakulahlileyo, kepha balahle mina, ukuze ngingabi yinkosi phezu kwabo.

UJehova wathi kuSamuweli : Lalela izwi labo , ubanike inkosi. USamuweli wathi kubantu bakwa -Israyeli: Hambani niye , kube yilowo nalowo emzini wakini.

USamuweli wathi kuSawule : UJehova wangithuma ukuba ngikugcobe ube yinkosi phezu kwabantu bakhe u-Israyeli; ngalokho lalela amazwi kaJehova.

Lalela uyihlo owakuzalayo, ungamdeleli unyoko lapho esemdala.

Lalela, Nkulunkulu, umkhuleko wami, ungazifihli ekunxuseni kwami.

Jehova, ngiyakhala kuwe , ngiphuthume; lalela izwi lami , nxa ngikhuleka kuwe.

Lalela ukukhala kwami, ngokuba ngicindezelekile kakhulu; ngikhulule kubo abangizingelayo, ngokuba banamandla kunami.

Ndodana yami, lalela amazwi ami, ubeke indlebe yakho kukho ukukhuluma kwami.

Ndodana yami , lalela ukuhlakanipha kwami , ubeke indlebe yakho ekuqondeni kwami

Nkosi, yizwa; Nkosi, thethelela; Nkosi, lalela, wenze; ungalibali ngenxa yakho, Nkulunkulu wami, ngokuba umuzi nabantu bakho babizwe ngegama lakho.