UJehova unenkemba ; igcwele igazi , inonile ngamanoni nangegazi lamawundlu nelezimbuzi, nangamanoni ezinso zezinqama, ngokuba uJehova uyanikela eBosira, unokuhlaba okukhulu ezweni lakwa-Edomi.
Yakhulisa elinye lamawundlu ayo , laba yibhongo ; lafunda ukubamba impango, ladla abantu.
Nxa isilindile , yabona ukuthi ithemba layo liphelile ; yathatha elinye lamawundlu ayo, yalenza ibhongo.