Kwathi inkosi isizwile izwi lalowo muntu kaNkulunkulu alibiza ngalo i - altare laseBethele , uJerobowamu waselula isandla sakhe ese -altare, wathi: Mbambeni. Kepha isandla sakhe aselulela kuye sashwabana, akaba namandla okusibuyisela kuye.
Ngokuba izwi alimemezayo ngokusho kukaJehova kulo i-altare laseBethele nakuzo zonke izindlu zezindawo eziphakemeyo ezisemizini yaseSamariya liyakwenzeka nokwenzeka. UJerobowamu uqhubeka ebubini
Wayesethi: Yitshe lini leli engilibonayo na ? Abantu bomuzi bamtshela bathi: Yithuna lalowo muntu kaNkulunkulu owavela kwaJuda , wamemezela lezi zindaba osuzenzile nge-altare laseBethele.