Izingelosi zombili zafika eSodoma sekuhlwile ; uLoti wayehlezi esangw eni laseSodoma; uLoti ezibona wasukuma wazihlangabeza ; wakhothamela emhlabathini ngobuso,
Ngiqinisile ngithi kini : Kuyakuba ngcono ezweni laseSodoma nakwelaseGomora ngosuku lokwahlulelwa kunakulowo muzi.
Kepha ngithi kini : Kuyakuba ngcono kulo izwe laseSodoma ngosuku lokwahlulelwa kunakuwe. UJesu uyamdumisa uYise, emema abahluphekileyo beze kuye (Luk. 10:21)