Skip to Content

"laso"

25 occurrences in ZUL

Nesancinza sakhe esigama laso lalinguRewuma sazala oTheba , noGahamu, noTahashi, noMahakha.

Uma umuntu eshaya iso lesigqila sakhe noma iso lesigqilakazi sakhe , alibulale, wosikhulula ngenxa yeso laso.

Uma eshaya izinyo lesigqila sakhe noma izinyo lesigqilakazi sakhe , wosikhulula ngenxa yezinyo laso.

Uyakuwenza amasongo amabili egolide , uwafake emaceleni omabili esihlangu sesifuba , eceleni laso elibhekene ne ngubo yamahlombe ngaphakathi.

Base bewenza amasongo amabili egolide , bawafaka emaceleni omabili esihlangu sesifuba , eceleni laso elibhekene nengubo yamahlombe ngaphakathi.

u-Eleyazare umpristi uyakuthabatha igazi laso ngomunwe wakhe , afafaze kasikhombisa ngaphambi kwetende lokuhlangana ngegazi laso,

isithole sishiswe phambi kwakhe , isikhumba saso , nenyama yaso , negazi laso, kanye nomswani waso kushiswe;

Ifa aliyikuhamba izizwe ngezizwe, ngokuba i zizwe zabantwana bakwa - Israyeli ziyakunamathela, kube yileso naleso efeni laso.

Asiyikuba nafa phakathi kwabafowabo ; uJehova uyifa laso , njengalokho ekhulumile kuso.

UJoshuwa indodana kaNuni wathuma ngasese eseShithimi amadoda amabili abe yizinhloli, wathi: Hambani nibone izwe neJeriko. Basuka, bafika endlini yesifebe esigama laso linguRahabi, balala khona.

Kodwa uNkulunkulu wadabula isigoxi esiseLehi, kwaphuma amanzi kuso; lapho esephuzile , umoya wakhe wabuya , wahlumeleleka; ngalokho igama laso labizwa ngokuthi i-Eni Hakore eliseLehi kuze kube namuhla.

Kepha uSawule wayenesancinza esigama laso lalinguRispa indodakazi ka - Aya. U-Ishi Bosheti wayesethi ku-Abineri: Ungeneleni kuso isancinza sikababa na?

Isikhwishikhwishi siphuma ekamelweni laso , namakhaza emimoyeni ehlakazayo.

elithuma izigijimi ngolwandle nangemikhumbi yemihlanga phezu kwamanzi. Hambani nina zithunywa ezinejubane, niye esizweni esidephileyo nesikhazimulayo, kubantu abesabekayo lapha nasekudeni , isizwe esinamandla amakhulu nesinyathelayo, esilizwe laso lidatshulwe yimifula.

Ngaleso sikhathi kuyakulethwa isipho kuJehova Sebawot i yibo abantu abadephileyo nabakhazimulayo , sivela kubantu abesa bekayo lapha nasekudeni, isizwe esinamandla amakhulu nesinyathelayo , esilizwe laso lidatshulwe yimifula , endaweni yegama likaJehova Sebawoti , intaba yaseSiyoni.

Kepha isizwe esiyakuyibeka intamo yaso phansi kwejoka lenkosi yaseBabele, siyikhonze, leso ngiyakusiphumuza ezweni laso , usho uJehova, sililime, sihlale kulo.

Kuyakuba yifa laso ezweni lakwa -Israyeli, izikhulu zami zingasacindezeli abantu bami, kepha zinike indlu yakwa-Israyeli njengezizwe zayo.

Kepha uma sinika enye yezinceku zaso isipho sasefeni laso , siyakuba ngesayo kuze kube semnyakeni wokukhululeka , bese sibuyela esikhulwini; kepha ifa laso liyakuba ngelamadodana aso.

Lesi sithombe-ke, ikhanda laso liyigolide elihle , isifuba saso nezingalo zaso kuyisiliva, isisu saso namathanga aso kuyithusi,

nangezimpondo eziyishumi ezazisekhanda laso, nolunye olwavelayo, ezawa phambi kwalo ezintathu , lolo phondo olwalunamehlo nomlomo owawukhuluma izinto ezinkulu , olukubonakala kwalo kwakukukhulu kunezinye.

Kwakukhona kuleyo ndawo izwe lesikhulu sesiqhingi , igama laso linguPhubiliyu; yena wasamukela, wasiphatha kahle izinsuku ezintathu.

Kepha: Uma isitha sakho silambile , siphe sidle ; uma somile , siphuzise, ngokuba ngokwenza lo kho uyakube ufumbela amalahle avuthayo ekhanda laso.

ukuba angabikho ongathenga nokuba athengise , uma engenalo uphawu , igama lesilo noma isibalo segama laso.

Nomusi wokuhlushwa kwabo uyenyuka kuze kube phakade naphakade ; abasenakuphumula imini nobusuku abakhuleka kuso isilo nomfanekiso waso nalowo owamukela uphawu lwegama laso.

Ngabona kungathi ulwandle lwengilazi luxubene no mlilo, nabavela ekunqobeni isilo nomfanekiso waso nesibalo segama laso bemi ngaselwandle lwengilazi, benamahabhu kaNkulunkulu.