Ibandla lonke labantwana bakwa -Israyeli lasuka ehlane laseSini , bahamba ngamabanga njengesiyalo sikaJehova, bamisa eRefidimi; kwakungekho manzi okuba abantu baphuze.
Kuqala lasuka ibhanela lekamu labantwana bakwaJuda ngamabandla abo ; uNaheshoni indodana ka-Aminadaba wayephezu kwalelo bandla.
Ifu lasuka phezu kwetende ; bheka, uMiriyamu wayesenochoko , enjengeqhwa; u-Aroni wambheka uMiriyamu; bheka, wayenochoko.