Skip to Content

"lekamu"

10 occurrences in ZUL

uMose wayesema esangweni lekamu , wathi: AbakaJehova mabeze kimi . Onke amadodana kaLevi ayesebuthana kuye.

Wayesethi kuwo: Usho njalo uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: Akube yilowo nalowo kini abhince inkemba yakhe ethangeni lakhe, adabule ekamu, aye emuva , aye phambili , kusukela kwelinye isango kuze kube kwelinye isango lekamu, yilowo nalowo abulale umfowabo , nalowo umngane wakhe , nalowo umakhelwane wakhe.

Abamisa ngasempumalanga ngasekuphumeni kwelanga bayakuba ngabebhanela lekamu lakwaJuda ngamabandla a bo; isikhulu sabantwana bakwaJuda sibe nguNaheshoni indodana ka-Aminadaba.

Ibhanela lekamu lakwaRubeni liyakuba ngaseningizimu ngamabandla abo ; isikhulu sabantwana bakwaRubeni siyakuba ngu -Elisuri indodana kaShedewuri.

Ibhanela lekamu lakwa-Efrayimi liyakuba ngasentshonalanga ngamabandla abo; isikhulu sabantwana bakwa -Efrayimi siyakuba ngu -Elishama indodana ka-Amihudi.

Ibhanela lekamu lakwaDani liyakuba ngasenyakatho ngamabandla abo ; isikhulu sabantwana bakwaDani siyakuba ngu -Ahiyezeri indodana ka - Amishadayi.

Kuqala lasuka ibhanela lekamu labantwana bakwaJuda ngamabandla abo ; uNaheshoni indodana ka-Aminadaba wayephezu kwalelo bandla.

Lase lisuka ibhanela lekamu likaRubeni ngamabandla abo ; phezu kwalelo bandla kwakungu-Elisuri indodana kaShedewuri.

Lase lisuka ibhanela lekamu labantwana bakwa-Efrayimi ngamabandla abo; phezu kwebandla lakhe kwakungu-Elishama indodana ka-Amihudi.

Lase lisuka ibhanela lekamu labant wana bakwaDani elalisemva kwawo onke amakamu ngamabandla abo ; phezu kwebandla lakhe kwakungu - Ahiyezeri indodana ka-Amishadayi.