"lelo"
47 occurrences in ZUL
Khona kwasondela abafundi bakhe , bathi kuye : Uyazi ukuthi abaFarisi bathe bezwa lelo zwi, bakhubeka na?
Khona inkosi yayo yayibiza , yathi kuyo : Nceku embi , lonke lelo cala ngikuthethelele lona ngokuba wangincenga;
Uma engatholi amandla okuzibuyisele la lona , lelo athengise ngalo liyakusala esandleni solithengileyo , uze ufike umnyaka wejubili ; ngejubili liyakuphuma, yena abuyele efeni lakhe.
UNkulunkulu weza kuBileyamu ebusuku , wathi kuye: Uma amadoda efika ukukubiza, vuka uhambe nawo; kepha lelo zwi kuphela engilikhuluma kuwe uyakulenza.
Yayisithi ingelosi kaJehova kuBileyamu: Hamba nalawa madoda, kepha lelo zwi kuphela engiyakulikhuluma kuwe uyak ulikhuluma. UBileyamu wayesehamba nezikhulu zikaBalaki.
UMose wayala abantwana b akwa-Israyeli, wathi: Lelo liyizwe eniyakulidla ngenkatho, uJehova ayale ngalo ukuba linikwe izizwe eziyisishiyagalolunye nenxenye,
Sasuka eHorebe , sadabula lelo hlane elikhulu nelesabekayo enalibonayo ngasendleleni yasentabeni yama -Amori, njengalokho uJehova uNkulunkulu wethu wasiyala, saze safika eKadeshi Barineya.
Lelo zwe salidla ngaleso sik hathi; izwe elisukela e -Aroweri elisesigodini sase-Arinoni, nenxenye yezintaba zakwaGileyadi , nemizi yalo , sabanika khona abakwaRubeni nabakwaGadi;
kepha ngimelwe ukufa mina kulelizwe , ngingaweli iJordani ; kodwa nina niyakuwela, nilidle lelo zwe elihle.
Wokwenza okulungile nokuhle emehlweni kaJehova ukuba kube kuhle kuwe, ungene ulidle lelo zwe elihle uJehova alifungela oyihlo
Thethelela, Jehova, abantwana bakho u-Israyeli obahlengileyo, ungavumeli igazi elinge nacala phakathi kwabantu bakho u -Israyeli, bese bethethelelwa igazi lelo.
Uma umuntu efunyanwa eba omunye wabafowabo babantwana bakwa - Israyeli, amphathe njengesigqila , noma athengise ngaye , lelo sela liyakufa , ukhiphe kanjalo ububi phakathi kwakho.
UJoshuwa wathatha-ke lonke lelo zwe , izintaba, neNingizimu yonke, nalo lonke izwe laseGosheni , namathafa, ne-Araba, nezintaba zakwa -Israyeli, namathafa akhe,
Umkhawulo wabantwana bakwaRubeni wawuyiJordani nogu lwalo . Lelo laliyifa labantwana bakwaRubeni ngemindeni yabo, imizi nemizana yabo.
Kusukela eTaphuwa umkhawulo waya ngasentshonalanga , wafika emfudlaneni iKhana; ukuphuma kwawo kwakuselwandle. Lelo liyifa lesizwe sabantwana bakwa-Efrayimi ngemindeni yabo
Izintaba zathuthumela ebuswen i bukaJehova, yebo, nalo iSinayi lelo , ebusweni bukaJehova uNkulunkulu ka-Israyeli.
Awuyikudla lelo uKemoshi unkulunkulu wakho akunika lona ukuba ulidle na? Kanjalo bonke uJehova , uNkulunkulu wethu, abaxosha phambi kwethu , siyalidla elabo.
USawule wathukuthela kakhulu , laba libi lelo zwi emehlweni akhe ; wathi: Bamnike uDavide izinkulungwane eziyishumi , kepha mina banginike izinkulungwane nje; sekumsalele umbuso kuphela.
UDavide wabuza kuJehova, wathi: Ngixoshe lelo viyo na ? Ngingalifica na? Wamphendula wathi: Xosha, ngokuba uyakulifica impela, ukhulule konke.
Wayesethi uShimeyi enkosini : Lelo zwi lilungile ; inceku yakho iyakwenza njengokusho kwenkosi yami, inkosi. UShimeyi wahlala eJerusalema izinsuku eziningi.
Inkosi yaya eGibeyoni ukuhlabela khona , ngokuba kwakuyindawo ephakemeyo enkulu ; uSolomoni wanikela ngeminikelo yokushiswa eyinkulungwane e-altare lelo.
Wayesethi uZereshi umkakhe nabo bonke abangane bakhe kuye : Yenza umuthi, ukuphakama kwawo kube yizingalo ezingamashumi ayisihlanu , ukhulume ekuseni enkosini ukuba uMoridekayi aphanyekwe kuwo , besewungena ngokuthokoza kanye nenkosi edilini . Laba lihle lelo zwi kuHamani, wenza umuthi.
kepha lapho lokho kwafika phambi kwenkosi , yasho ngencwadi ukuba lelo cebo elibi ayelicebe ngabaJuda libuyele ekhanda lak he, yena namadodana akhe baphanyekwe emthini.
Kuthiwa uma indoda ilahla umkayo , abesemuka abe ngowenye indoda , isayakubuyela kuye na ? Lelo zwe belingayikungcoliswa kakhulu na ? Kepha wena ofebile nezithandwa eziningi ubuyela kimi, usho uJehova.
Bagijimela kulo lonke lelo zwe , baqala ukuletha abagulayo ngezinhlaka , lapho bemuzwa ukuthi ukhona.
Wayeseqonda uyise ukuthi yilona lelo hora uJesu asho ngalo kuye ukuthi : Indodana yakho iphilile. Wakholwa yena nendlu yakhe yonke.
Kepha induna yenkulungwane yaphendula yathi : Mina ngalithenga lelo lungelo ngemali enkulu. Kodwa uPawulu wathi: Kepha mina ngazalwa nalo.
Uma abanye behlanganyela lawo mandla phezu kwenu , kungebe yithi kakhulu na ? Nokho asilisebenzisanga lelo gunya , kepha sibekezela ngakho konke, ukuze singalithiyi ivangeli likaKristu.
bonke baphuza kuphuza kunye komoya; ngokuba baphuza edwaleni lomoya elabalandelayo. Idwala lelo lalinguKristu.