Ngalolo suku iGibithe liyakuba njengabesifazane, lithuthumele, lesabe ukunikina kwesandla sikaJehova Sebawoti asinikina phezu kwalo.
I-Ashikeloni liyakukubona, lesabe, neGaza futhi, bese lithuthumela kakhulu, kanye ne -Ekroni, ngokuba ukwethemba kwalo kuyakujabha ; inkosi iyakubhubha eGaza, ne-Ashikeloni aliyikuhlalwa.