UMose wayesethatha igazi, wafafaza ngalo abantu, ethi: Bheka, nanti igazi lesivumelwano uJehova asenze nani ngawo onke lawa mazwi. UMose ukhuphukela eSinayi
Nawe, ngenxa yegazi lesivumelwano sakho , ngikhiphile iziboshwa zakho emgodini okungekho kuwo amanzi.
ngokuba lokhu kuyigazi lami lesivumelwano elithululwa ngenxa yabaningi kukho ukuthethelelwa kwezono.
Wathi kubo : Lokhu kuyigazi lami lesivumelwano elithululwa ngenxa yabaningi.
ethi: Lokhu kuyigazi lesivumelwano aniyale ngaso uNkulunkulu.
pho, nithi ufanele ukushaywa kangakanani kunalokho lowo onyathele phansi iNdodana kaNkulunkulu , wadelela igazi lesivumelwano angcweliswa ngalo, wahlambalaza uMoya womusa, na?
Kepha uNku lunkulu wokuthula owakhuphula kwabafileyo umalusi omkhulu wezimvu ngegazi lesivumelwano esimiyo njalo, iNkosi yethu uJesu,