Ngase ngithi kulo: Nkosi yami, nguwe owaziyo. Lase lithi kimi : Laba yibo abaphuma osizini olukhulu , bahlanza izingubo zabo , bazenza zaba mhlophe egazini leWundlu.
Nabo uqobo lwabo bamnqoba ngegazi leWundlu nangezwi lobufakazi babo, futhi abakuthandanga ukuphila kwabo kwaze kwaba sekufeni.
Bahlabelela igama likaMose inceku kaNkulunkulu negama leWundlu, bathi: Mikhulu, iyamangalisa imisebenzi yakho , Nkosi Nkulunkulu , Mninimandla onke; zilungile, ziqinisile izindlela zakho wena Nkosi yezizwe;