Skip to Content

"lihlale"

7 occurrences in ZUL

Amasango alo ayakukhala, alile; liyakuba yize, lihlale emhlabathini.

ukudle phambi kukaJehova uNkulunkulu wakho endaweni ayakuyikhetha yena ukuba igama lakhe lihlale kuyo , okweshumi kwamabele akho , nokwewayini lakho, nokwamafutha akho, nokwamazibulo ezinkomo zakho , nokwawezimvu zakho , ukuba ufunde ukumesaba uJehova uNkulunkulu wakho njalo.

kepha endaweni ayakuyikhetha uJehova uNkulunkulu wakho ukuba igama lakhe lihlale kuyo , lapho uyakuhlaba iphasika kusihlwa ekushoneni kwelanga, ngesikhathi owaphuma ngaso eGibithe.

wename phambi kukaJehova uNkulunkulu wakho, wena nendodana yakho, nendodakazi yakho, nenceku yakho, nencekukazi yakho, nomLevi ophakathi kwamasango akho , nomfokazi, nentandane, nomfelokazi abaphakathi kwakho endaweni uJehova uNkulunkulu wakho ayakuyikhetha ukuba igama lakhe lihlale kuyo.

uthathe ulibo lwezithelo zonke zomhlaba olubuthayo ezweni uJehova uNkulunkulu wakho akunika lona , ulufake eqomeni, uye endaweni uJehova uNkulunkulu wakho ayakuyikhetha ukuba igama lakhe lihlale kuyo.

Ngalokho yazi, uqonde ukuthi, kusukela ekuphumeni kwezwi lokubuyisa nokwakha iJerusalema kuze kufike ogcotshiweyo , umbusi, kuyakuba ngamasonto ayisikhombisa , lihlale lakhiwe , izitaladi zalo nogange lwalo , amasonto angamashumi ayisithupha nambili nasesikhathini sokuhlupheka.

Lonke izwe liyakuphenduka ithafa kusukela eGeba kuze kube seRimoni ngaseningizimu kwaseJerusalema; liyakuphakanyiswa, lihlale endaweni yalo, kusukela eSangweni likaBenjamini kuze kube sendaweni yesango lakuqala , kuze kube seSangweni Lasegumbini , kusukela eMbhoshongweni kaHananeli kuze kube sesikhamweni sewayini senkosi.