Skip to Content

"lihle"

18 occurrences in ZUL

Lihle igolide lalelo zwe . Kukhona nenhlak a yebedola netshe leshohamu lapho.

Leli zwi laba lihle emehlweni kaFaro nasemehlweni ezinceku zakhe zonke.

Ngalolo suku ihlumela likaJehova liyakuba lihle, libe nenkazimulo, nezithelo zomhlaba ziyakuba nodumo nobuhle kwabaphunyukileyo bakwa-Israyeli.

nokuthi izwe abakhe kulo linjani , noma lihle noma libi , nokuthi imizi abahlala kuyo injani, noma ngamakamu noma yizinqaba,

Bathi: Sukani, senyukele kubo , ngokuba silibonile izwe ; bhekani, lihle kakhulu; niyathula yini? Ningenqeni ukuhamba, ningene ukuba nilidle izwe.

USawule wayesethi kuyo inceku yakhe : Lihle izwi lakho ; woza sihambe . Base beya emzini lapho lowo muntu kaNkulunkulu wayekhona.

Nezinceku zenkosi zafika ukuyibusisa inkosi yethu , inkosi uDavide , ngokuthi: U Nkulunkulu wakho makenze igama likaSolomoni libe lihle kunegama lakho , asenze isihlalo sa khe sobukhosi sibe sikhulu kunesihlalo sakho sobukhosi; inkosi yakhothama embhedeni wayo.

Inkosi yayisithuma yambiza uShimeyi , yathi kuye : Angithi ngikufungisile uJehova, ngaqinisa kuwe ukuthi: Mhla uphuma uye nomaphi, yazisisa ukuthi uyakufa nokufa, na? Wathi kimi: Izwi engilizwileyo lihle.

Libizeni igama likankulunkulu wenu, mina ngibize igama likaJehova ; bese kuthi uNkulunkulu ophendula ngomlilo abe nguye onguNkulunkulu . Bonke abantu bathi: Lihle leli zwi.

Wayesethi uHezekiya ku-Isaya: Lihle izwi likaJehova olikhulumileyo. Wathi futhi: Akunjalo, uma kuyakuba khona ukuthula nokulondeka emihleni yami , na?

Laba lihle lelo zwi emehlweni enkosi nasezikhulwini ; yenza-ke inkosi njengezwi likaMemukhani;

Wayesethi uZereshi umkakhe nabo bonke abangane bakhe kuye : Yenza umuthi, ukuphakama kwawo kube yizingalo ezingamashumi ayisihlanu , ukhulume ekuseni enkosini ukuba uMoridekayi aphanyekwe kuwo , besewungena ngokuthokoza kanye nenkosi edilini . Laba lihle lelo zwi kuHamani, wenza umuthi.

Ngizakukudumisa kuze kube phakade , ngokuba ukwenzile; ngizakulindela igama lakho, ngokuba lihle phambi kwabangcwele bakho.

Ngizakunikela kuwe ngesihle; ngizakulibonga igama lakho, Jehova, ngokuba lihle.

Umuntu uyathokoza ngokuphendula komlomo wakhe , nezwi ngesikhathi salo lihle kangakanani!

Wayesethi uHezekiya ku-Isaya: Lihle izwi likaJehova olikhulumileyo . Wathi futhi: Ngokuba kuyakuba khona ukuthula nokulondeka emihleni yami.

Ngokuba ijoka lami lihle, nomthwalo wami ulula.

Leli zwi laba lihle kulo lonke ibandla ; base bekhetha uStefanu , umuntu owayegcwele ukukholwa noMoya oNgcwele , noFiliphu, noProkhoro, noNikanori, noThimoni, noPharmena, noNikolawu, iproselite lase-Antiyokiya,