Khona izwe liyakuthokoza ngamasabatha alo ngesikhathi lihlezi lichithekile, nina nisekhona ezweni lezitha zenu ; khona izwe liyakuphumula, lithokoze ngamasabatha alo.
Ngesikhathi lihlezi lichithekile liyakuphumula , lokho kuphumula elalingenakho ngamasabatha enu, lapho nanisahlezi kulo.