maliwele ekhanda likaJowabe nakuyo yonke indlu ka yise. Makungaphuthi endlini kaJowabe ukuba kube khona ocucuzayo , nonochoko, nozimelelayo ngodondolo, nowayo ngenkemba, noswele isinkwa.
Igazi labo liyakubuyela ekhanda likaJowabe nasekh anda lenzalo yakhe kuze kube phakade ; kepha kuDavide , nakuyo inzalo yakhe , nakuyo indlu yakhe, nakuso isihlalo sakhe sobukhosi kuyakuba ngukuthula kuze kube phakade, kuvela kuJehova.