Skip to Content

"likhuluma"

6 occurrences in ZUL

Nanxa uMose engena etendeni lokuhlangana ukuba akhulume naye , wezwa izwi likhuluma kuye, livela ngaphezu kwesihlalo somusa esisemphongolweni wobufakazi ngaphakathi kwamakherubi omabili; wayesekhuluma kuye.

UJehova wayesekhuluma kini ephakathi komlilo ; nezwa izwi likhuluma , kepha anibonanga simo, kwakuyizwi kuphela.

Abantu bake balizwa yini izwi likaNkulunkulu likhuluma livela phakathi komlilo, njengalokho wena uzwile, baphile, na?

kwathi sesiwile phansi sonke emhlabat hini, ngezwa izwi likhuluma kimi ngo limi lwesiHeberu , lithi: Sawulu, Sawulu, ungizingelelani na? Kulukhuni kuwe ukukhahlela ezinkandini.

Emva kwalokho ngabona , bheka-ke, umnyango uvulekile ezulwini , nezwi lokuqala engalizwayo linjengelecilongo likhuluma nami , lithi: Yenyukela lapha, ngikutshengise okumelwe ukuba kube khona emva kwalokhu.

Izwi engalizwa livela ezulwini lase liphinda likhuluma nami , lithi: Hamba uye uthabathe incwadi evulekileyo esesandleni sengelosi emi phezu kolwandle naphezu komhlabathi.