Uma kukuhle enkosini , makuphume izwi lobukhosi , lilotshwe phakathi kwemithetho yamaPheresiya namaMede, lingalahlwa, lokuba uVashiti angabe esangena phambi kwenkosi u -Ahashiveroshi, inkosi inike omunye omuhle kunaye ubukhosikazi bakhe.
Ngase ngibona; bheka, iWundlu limi entabeni yaseSiyoni , kumi kanye nalo abayizinkulungwane eziyikhulu namashumi amane nane , benegama lalo negama likaYise lilotshwe emabunzini abo.