Ngalokho, kuphila kwami, isho iNkosi uJehova, ngokuba uyingcolisile indlu yami engcwele ngakho konke okuzondekayo kwakho nangazo zonke izinengiso zakho , ngalokho ngiyakukunciphisa impela , iso lami lingahawukeli, ngingabi nabubele.
Kwamanye washo ezindlebeni zami , wathi: Dabulani emzini emva kwayo , nibulale, iso lenu lingahawukeli, ningabi nabubele,