Ngokuba usho kanje uJehova Sebawoti , uNkulunkulu ka -Israyeli, uthi: Bheka, ngiyakulenza ukuba liphele kule ndawo phambi kwamehlo enu nasezinsukwini zenu izwi lokujabula nezwi lokuthokoza, izwi lo myeni nezwi lomakoti.
Ngiyakwenza ukuba i -Elamu liphele amandl a ngaphambi kwezitha zal o naphambi kwabafuna ukuphila kwabo , ngibehlisele okubi , ukufutheka kwentukuthelo yami, usho uJehova, ngithume inkemba emva kwabo , ngize ngibaqede.