Isibani somzimba siyiso lakho ; nxa iso lakho liphilile , umzimba wakho wonke ungukukhanya; kepha nxa lilibi, umzimba wakho ungubumnyama.
Ngakho-ke masikhuthalele ukungena kulokho kuphumula , ukuze kungawi muntu ngaleso siboniso sokungalaleli. Izwi likaNkulunkulu liphilile, linamandla
Ngokuba izwi likaNkulunkulu liphilile , linamandla, libukhali kunezinkemba zonke ezisika nhlangothi zombili, lihlaba kuze kwahlukaniswe umphefumulo nomoya , amalungu nomnkantsha , lahlulela imicabango nezizindlo zenhliziyo;