Izwe liyakushiywa yibo , lithokoze ngamasabatha alo , lisahlezi lichithekile, lingenabo; bayakwamukela isijeziso sobubi b abo, ngokuba, yebo, ngokuba balahla izahlulelo zami nangokuba umphefumulo wabo wanengwa yizimiso zami.
Noma kwakuyizinsuku ezimbili , noma inyanga , noma isikhathi esingakanani ifu lisahlezi phezu kwetabernakele , abantwana bakwa-Israyeli bahlala ekamu, abahambanga; kepha lapho lenyuswa, bahamba.