Bheka, kuyeza isigaba samadoda, amahhashi amabili ngamabili . Wathatha wathi: Liwile, liwile iBabele , nazo zonke izithombe ezibaziwey o zawonkulunkulu balo zidilizwe phansi.
Yayisilandela enye ingelosi, ithi: Liwile, liwile iBabiloni elikhulu, eliphuzise izizwe zonke iwayini lolaka lobufebe balo.
Yamemeza ngezwi elinamdla , yathi: Liwile, liwile iBabiloni elikhulu , selibe yindawo yokuhlala amademoni , nendawo yokubopha bonke omoya abangcolileyo, nendawo yokubopha zo nke izinyoni ezingcolileyo nezizondekayo,