Itende lokuhlangana liyakusuka kanye nekamu lamaLevi , liphakathi kwamakamu; njengalokhu bemisa, kanjalo bayakusuka, kube yilowo nalowo muntu endaweni yakhe, ngamabhanela abo.
Nxa u -Aroni namadodana akhe sebeqedile ukusibekela indlu engcwele nempahla yonke ye ndlu engcwele, lapho ikamu liyakusuka , emva kwalokho amadodana kaKohati ayakufika ukukuthwala , kepha awayikuthinta okungcwele, funa afe . Lezo zinto zingumthwalo wamadodana kaKohati etendeni lokuhlangana.