Izihlahla zehlathi ziyacatshwa ngensimbi , neLebanoni liyawa ngoNamandla.
Ibandla lonke lasezulwini liyaphela , izulu lisongwe njengomqulu ; ibandla lonke liyawa njengokuwa kweqabunga emvinin i nanjengokubunileyo emkhiwaneni.
Hhewula, msayipuresi, ngokuba umsedari uyawa , ngokuba emihle iyachithwa; hhewulani nina ma -oki aseBashani , ngokuba ihlathi elingenakudatshulwa liyawa.