izimbali ziyabonakala emhlabeni, nesikhathi sokuthena imivini sesisondele, nezwi lehobhe liyezwakala ezweni lakithi.
Izwi liyezwakala emadul ini angenalutho , ukukhala nokukhuleka kwabantwana bakwa-Israyeli, ngokuba bayihlanekezele indlela yabo , bakhohlwa uJehova uNkulunkulu wabo.
Usho kanje uJehova , uthi: Izwi liyezwakala eRama , ukulila nokukhala okumunyu, uRaheli ekhalela abantwana bakhe ; uyala ukududuzwa ngabantwana bakhe, ngokuba abasekho.