Wayesethi uJakobe: Thengisa kimi namuhla ngefa lobuzibulo bakho.
Wathi u-Esawu: Bheka, sengizakufa; linosizo luni kimi ifa lobuzibulo bami na?
UJakobe wathi: Funga kimi namuhla. Wayesefunga kuye, wathengisa ngefa lobuzibulo bakhe kuJakobe.
Kepha uma ungathokozi ngaye , womyeka ukuba ahambe , aye lapho ethanda khona ; kodwa awuyikuthengisa ngaye neze ngemali , ungamphathi njengesigqila, ngokuba usumonile. Ifa lobuzibulo