Skip to Content

"lokujabula"

5 occurrences in ZUL

Phumani eBabele , nibalekele amaKaledi , nimemezele lokhu ngezwi lokujabula, nikuzwakalise lokhu , nikuphumisele nasemikhawulweni yomhlaba, ngokuthi: UJehova uhlengile inceku yakhe uJakobe.

Ngiyakuthulisa emizini yakwaJuda nasezitaladini zaseJerusalema izwi lokujabula nezwi lokuthokoza, izwi lomyeni nezwi lomakoti , ngokuba izwe liyakuba yincithakalo.

Ngokuba usho kanje uJehova Sebawoti , uNkulunkulu ka -Israyeli, uthi: Bheka, ngiyakulenza ukuba liphele kule ndawo phambi kwamehlo enu nasezinsukwini zenu izwi lokujabula nezwi lokuthokoza, izwi lo myeni nezwi lomakoti.

Umuzi uyakuba yigama lokujabula kimi, nelodumo, nelendumiso ngaphambi kwezizwe zonke zomhlaba eziyakuzwa konke okuhle engibenzela kh ona, zesabe, zithuthumele ngakho konke okuhle nangakho konke ukuthula engiwenzela khona.

izwi lokujabula nezwi lokuthokoza , izwi lomyeni nezwi lomakoti , izwi labathi: Bongani uJehova Sebawoti , ngokuba uJehova muhle , ngokuba umusa wakhe umi phakade , nelabaletha iminikelo yokubonga endlini kaJehova. Ngokuba ngiyakukubuyisa ukuthunjwa kwezwe nje ngakuqala, usho uJehova.