Skip to Content

"lokuthi"

73 occurrences in ZUL

Eyokuqala inegama lokuthi iPishoni ; yiyo ezungeza izwe lonke laseHavila , lapho kukhona igolide.

U-Adamu wamqamba umkakhe igama lokuthi u -Eva, ngokuba waba ngunina wabo bonke abaphilayo.

UKayini wamazi umkakhe ; wakhulelwa, wazala u -Enoke. Wakha umuzi , wawuqamba igama lokuthi u-Enoke ngegama lendodana yakhe.

U-Adamu wabuye wamazi umkakhe ; wazala indodana, wamqamba igama lokuthi uSeti , ethi: UNkulunkulu ungibekele enye inzalo esikhundleni sika - Abela, njengokuba uKayini umbulele.

U-Adamu wahamba iminyaka eyikhulu namashumi amathathu, wazala indodana ngomfanekiso wakhe efana naye, wayiqamba igama lokuthi uSeti.

Ingelosi kaJehova yathi kuye: Bheka, usukhulelwe; uyakuzala indodana , uyiqambe igama lokuthi u -Ishmayeli, ngokuba uJehova uzwile ukuhlupheka kwakho.

Wamqamba uJehova owayekhulume kuye igama lokuthi : Wena unguNkulunkulu Obonayo , ngokuba wathi : Imbala ngimbonile ongibonayo na?

UNkulunkulu wathi ku -Abrahama: USarayi umkakho awu sayikumbiza ngegama lokuthi uSarayi, kepha igama lakhe alibe nguSara.

Umfana wakhula, wayiswa kuyo indodakazi kaFaro, waba yindodana yayo. Yamqamba igama lokuthi uMose, ithi: Ngokuba ngamkhipha emanzini. Ukubaleka kukaMose

Wazala indodana, wayiqamba igama lokuthi uGereshomu , ngokuba wathi: Ngangingumfokazi ezweni elingesilo elami.

ngabonakala ku-Abrahama, naku-Isaka, nakuJakobe njengoSomandla, kepha ngegama lami lokuthi uJehova ngangingaziwa kubo.

UMose walakha i-altare, waliqamba igama lokuthi iJehova-Nisi.

UGideyoni wamakhela uJehova i -altare khona , waliqamba igama lokuthi iJehova Shalomi; kuze kube namuhla lisekhona e-Ofira lama-Abiyezeri.

Isancinza sakhe esasiseShekemi naso samzalela indodana, sayiqamba igama lokuthi u-Abimeleki.

Wathi ukuba uDavide avuke ekuseni, kwafika izwi likaJehova kumprofethi uGadi umboni kaDavide lokuthi:

UBenaya wafika etendeni likaJehova , wathi kuye : Isho kanje inkosi , ithi: Phuma. Wathi: Qha, ngiyakufela lapha . UBenaya wabuyisela enkosini izwi lokuthi: Washo njalo uJowabe, wangiphendula kanjalo.

UMikhaya wathi : Ngalokho yizwa izwi likaJehova lokuthi : Ngambona uJehova ehlezi esihlalweni sakhe sobukhosi , nebandla lonke lasezulwini limi ngakuye ngakwesokunene sakhe nangakwesokhohlo sakhe.

lokuthi: Impela ngibone izolo igazi likaNaboti negazi lamadodana akhe , usho uJehova; ngiyakukuphindisela kulesi siqephu, usho uJehova. Ngalokho mthathe, umntshinge kulesi siqephu njengezwi likaJehova.

Wabulala ku -Edomi esiGodini sikaSawoti abayizinkulungwane eziyishumi , wathatha iSela ngokulwa , waliqamba igama lokuthi iJokiteyeli kuze kube namuhla.

UJabesi wayetuseka kunabafowabo ; unina wamqamba igama lokuthi uJabesi, ethi: Ngokuba ngamzala ngibuhlungu.

bezwakalise, bathumele izwi emizini yabo yonke naseJerusalema lokuthi : Phumani, niye entabeni, nilande amagatsha omnqumo , namagatsha omnqumo wasendle , namagatsha ombomvana , namagatsha esundu , namagatsha emithi edumbileyo, nenze amadokodo njengokulotshiweyo.

Wena unguJehova uNkulunkulu owakhetha u -Abrama, wamkhipha e -Uri lamaKaledi, wametha igama lokuthi u-Abrahama;

Yayisithatha isho kimi , ithi: Lokhu kuyizwi likaJehova kaZerubabele lokuthi: Kungabi ngempi , kungabi ngamandla , kepha kube ngomoya wami kuphela, usho uJehova Sebawoti.

Ngizifungile mina , kuphumile izwi emlonyeni wami ngokulunga , aliyikubuya, lokuthi: Kimina ayakuguqa onke amadolo , nezilimi zonke ziyakufunga.

Uyakukhuluma kubo leli zwi lokuthi: Usho kanje uJehova uNkulunkulu ka- Israyeli, uthi: Zonke izimvaba ziyagcwaliswa ngewayini . Bayakusho kuwe ukuthi: Impela asazi yini ukuthi zonke izimvaba zigcwaliswa ngewayini na?

Kepha uyakusho leli zwi kubo lokuthi : Amehlo ami mahlengezele izinyembezi imini nobusuku , zinganqamuki, ngokuba i ntombi, indodakazi yabantu bami , ilimele ngokulimala okukhulu , ngokushaywa okunzima kakhulu.

Yisho endlini yenkosi yakwaJuda, uthi: Zwanini izwi likaJehova lokuthi:

Ezinsukwini zalo uJuda uyakusindiswa, u-Israyeli ahlale elondekile ; nanti igama eliyakubizwa ngalo lokuthi: UJEHOVA UNGUKULUNGA KWETHU.

Kepha uma nithi : Indaba kaJehova , khona uJehova usho kanje , uthi: Ngenxa yokuba nithi leli zwi lokuthi indaba kaJehova , noma mina ngathumela kini, ngathi: Aniyikuthi: Indaba kaJehova,

Usho kanje uJehova Sebawoti , uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: Bayakubuye basho leli zwi ezweni lakwaJuda nasemizini yalo , lapho ngibuyisa ukuthunjwa kwabo, lokuthi: UJehova makakubuyise wena khaya lokulunga , ntaba yobungcwele.

Kepha uma wala ukuphuma, yileli zwi uJehova angibonisile lona lokuthi:

Izwi uJeremiya , umprofethi, alikhuluma kuBaruki, indodana kaNeriya , ekulobeni kwakhe lawa mazwi encwadini, ewathatha emlonyeni kaJeremiya, ngomnyaka wesine kaJehoyakimi , indodana kaJosiya , inkosi yakwaJuda , lokuthi:

Ngalokho, belusi, zwanini izwi likaJehova lokuthi:

ngalokho, belusi, zwanini izwi likaJehova lokuthi:

ngalokho, zintaba zakwa-Israyeli, zwanini izwi leNkosi uJehova lokuthi: Isho kanje iNkosi uJehova kuzo izintaba nakuwo amagquma, kuyo imifula nakuzo izigodi, nakuzo izi ndawo ezichithekileyo , nakuyo imizi eshiyiweyo , osekuyimpango nenhlekiso yezizwe eziseleyo ezikhona nxazonke,

Inkosi yaphendula, yathi kumaKaledi : Izwi liphumile kimi lokuthi uma ningazisi iphupho nencazo yalo, niyakuhlahlelwa, izindlu zenu zibe yiquba.

lokuthi uma ningangazisi iphupho , umthetho munye nje ngani , ngokuba nilungisile amazwi amanga nawo nakeleyo okukhuluma phambi kwami, kuze kuguquke isikhathi : ngalokho ngitsheleni iphupho , ngize ngazi ukuthi ningangibonisa incazelo yalo.

Manje yizwa izwi likaJehova lokuthi: Wena uthi: Ungaprofethi ngo-Israyeli, ungaconsisi izwi lakho phezu kwendlu ka-Isaka.

Uzakuzala indodana , uyiqambe igama lokuthi uJesu , ngokuba nguye oyakusindisa abantu bakhe ezonweni zabo.

Bheka, intombi iyakukhulelwa , izale indodana ; bayakuyiqamba igama lokuthi u-Emanuweli, okungukuthi ngokuhunyushwa uNkulunkulu unathi .

akaze aya kuye , waze wazibula ngendodana ; wayiqamba igama lokuthi uJesu.

UPetru wayesekhumbula izwi likaJesu abelishilo lokuthi : Iqhude lingakakhali, uzakungiphika kathathu . Waphumela phandle , wakhala kamunyu.

Wayesemisa laba abayishumi nambili: uSimoni owamqamba igama lokuthi uPetru,

noJakobe kaZebedewu , noJohane umfowabo kaJakobe ; laba wabaqamba igama lokuthi oBowanergesi okungukuthi amadodana okuduma;

Lase likhala masinyane iqhude ngokwesibili . UPetru wayesekhumbula izwi abelishilo kuye uJesu lokuthi : Iqhude lingakakhali kabili , uzakungiphika kathathu; wakhala nokukhala izinyembezi.

Kepha ingelosi yathi kuye: Ungesabi, Zakariya, ngokuba isicelo sakho sizwakele; umkakho u -Elisabethe uzakukuzalela indodana , uyiqambe igama lokuthi uJohane.

Bheka, uzakukhulelwa, uzale indodana, uyiqambe igama lokuthi uJesu.

Owamukele ubufakazi bakhe ulubekile uphawu lokuthi uNkulunkulu uqinisile.

Ngokuba kulokhu liqinisile izwi lokuthi : Omunye uyahlwanyela , omunye avune.

Lizwi lini leli alishoyo lokuthi : Niyakungifuna, ningangifumani, nokuthi: Lapho ngikhona, ningeze nina, na? Amanzi okuphila

ukuba izwi lika -Isaya umprofethi ligcwaliseke , alikhuluma lokuthi: Nkosi, ngubani owakholwa ngukushumayela kwethu na ? Ingalo yeNkosi yambulelwa bani na?

Khumbulani izwi enganitshela lona mina lokuthi : Inceku ayinkulu kunenkosi yayo. Uma bengizingele mina, nani bayakunizingela; uma begcina izwi lami, nelenu bayakuligcina.

Kodwa kunjalo ukuba kugcwaliseke izwi elilotshiweyo emthethweni wakubo lokuthi: Bangizonda ngeze.

Kodwa mina nginitshela iqiniso lokuthi kunilungele ukuba ngimuke; ngokuba uma ngingamuki , uMduduzi kayikuza kini ; kepha uma ngimuka , ngiyakumthumela kini.

ukuba ligcwaliseke izwi alishiloyo lokuthi : Kulabo ongiphe bona angilahlekelwanga namunye.

Ngakho-ke leli zwi laphumela kubazalwane lokuthi lowo mfundi akayikufa . Kanti uJesu akashongo ukuthi akayikufa kodwa ukuthi: Uma ngithanda ukuba ahlale ngize ngifike, kuyini kuwe na? Isigcino

lokuthi: UNkulunkulu wamgcoba uJesu waseNazaretha ngoMoya oNgcwele nangamandla, owahamba enza umusa , ephulukisa bonke ababesemandleni kaSathane, ngokuba uNkulunkulu wayenaye.

belusizi kakhulu ngezwi alishilo lokuthi abasayikubona ubuso bakhe . Base bemphelekezela, baya emkhunjini.

Kuthe sebefuna ukumbulala, kwafika izwi enduneni yenkulungwane lokuthi lonke iJerusalema liyayaluza;

nginethemba kuNkulunkulu abalibheka nabo uqobo lokuthi kuyakuba khona ukuvuka kwabafileyo, okwabalungile nokwabangalungile.

ngaphandle kwalelo zwi elilodwa engalimemeza ngimi phakathi kwabo lokuthi: Ngokuvuka kwabafileyo mina ngimangalelwa yinina namuhla.

kwathi ukuba bangezwani bodwa , bamuka, uPawulu esekhuluma izwi labalinye lokuthi: Wakhuluma kahle uMoy a oNgcwele ngo -Isaya umprofethi koyihlo

ethembeni lokuthi nakho okudaliweyo kuyakukhululwa ebugqileni bokubhubha, kube ngukukhululeka kwenkazimulo yabantwana bakaNkulunkulu.

Ngokuba lingelesithembiso l eli zwi lokuthi : Ngalesi sikhathi ngizakufika ; khona uSara uzakuba nendodana.

Kepha nxa lokhu okubolayo sekwembethe ukungaboli, nalokhu okufayo sekwembethe ukungafi, kuzakugcwaliseka izwi elilotshiweyo lokuthi : Ukufa kugingiwe kwaba ngukunqoba.

singazibongi ngemisebenzi yabanye ngaphezu kokulinganisa , kepha sinethemba lokuthi ngokukhula kokukholwa kwenu , siyakukhuliswa kakhulu impela kini endaweni yethu,

Kepha nginovalo lokuthi njengalokho inyok a yamkhohlisa u -Eva ngobuqili bayo, kanjalo izingqondo zenu mhlawumbe zingadukiswa , ziyeke ubuqotho nobumhlophe ngakuKristu.

Ngokuba nginovalo lokuthi ekufikeni kwami mhlawumbe ngizakunifumana ningenjengalokho engikuthandayo, nami ngifunyanwe yinina nginjengalokho eningakuthandiyo, mhlawumbe kube khona ukuphikisana , nomhawu, nokuthukuthela, nemibango, nenhlebo, nokuceba, nokukhukhumala, neziyaluyalu,

Nokho isisekelo esiqinileyo sikaNkulunkulu simi, sinalolu phawu lokuthi : INkosi iyabazi abangabayo, nokuthi: Yilowo nalowo ophatha igama likaKristu makadede kukho ukungalungi.

Nanti izwi esalizwa kuye , sinishumayeza lona lokuthi uNkulunkulu ungukukhanya, ubumnyama abukho kuye nakanye.

Nakuyo ingelosi yebandla laseSardesi loba ukuthi : Nakhu akushoyo onawoMoya abayisikhombisa bakaNkulunkulu nezinkanyezi eziyisikhombisa, uthi: Ngiyayazi imisebenzi yakho ukuba unegama lokuthi uyaphila , kanti ufile.

Sinenkosi phezu kwaso, ingelosi yakwalasha, igama layo ngesiHeberu lingu- Abadoni, kepha ngesiGreki inegama lokuthi u-Apholiyoni.

nasebusweni bakhe kulotshiwe igama eliyimfihlakalo lokuthi : IBABILONI ELIKHULU, UNINA WEZIFEBE NOWAMANYALA OMHLABA