Uma umuntu ethengisa ngendlu yokuhlala emzini onogange , angayihlenga ungakapheli umnyaka selokhu wathengisa n gayo, ngokuba umnyaka wonke uyakuba nelungelo lokuyihlenga.
Bheka, uHanameli indodana kaShalumi uyihlokazi uyakufika kuwe , athi: Zithengele insimu yami ese -Anathoti, ngokuba ilungelo lokuyihlenga lingelakho ukuba uyithenge.