Washo kanje uJehova , wathi: Hamba uzithengele uphiso lwebumba lombumbi, uthathe amanye amalunga abantu namanye amalunga abapristi,
Njengalokho wabona izinyawo nezinzwani , inxenye iyibumba lombumbi , inxenye insimbi, uyakuba ngumbuso owahlukeneyo ; kepha kuyakuba kuwo amandla ensimbi, njengokuba wabona insimbi ixubene nebumba lodaka.