Skip to Content

"losuku"

5 occurrences in ZUL

Bethi-ke bona uphakathi kwabahambisana nabo bahamba ibanga losuku , bamfuna phakathi kwezihlobo nabazana nabo.

Kwavuka umoya ovela kuJehova , waletha izigwaca zivela ngaselwandle , waziwisa ngasekamu kungathi ibanga losuku ngalapha nebanga losuku ngalapha kwekamu nxazonke , nokuphakama phezu komhlaba kungathi izingalo ezimbili.

Kodwa yena wahamba ibanga losuku ehlane, waya wahlala phansi konwele, wacela enhliziyweni yakhe ukuba afe, wathi: Sekwanele; manje, Jehova, sale usuthatha umphefumulo wami, ngokuba angilungile kunawobaba.

Ndodana yomuntu, zilobele igama losuku, lona lolo suku; inkosi yaseBabele ihlasele iJerusalema ngalolu suku.

UJona waqala ukungena emzini , uhambo losuku lwaba lunye , wamemeza wathi: Kusezakuba yizinsuku ezingamashumi amane, bese lichithwa iNineve.