"lugibe"
12 occurrences in ZUL
Kepha izinceku zikaFaro zathi kuye : Lo muntu uzakuba lugibe kuze kube nini na? Bavumele abantu ukuba bahambe bakhonze uJehova uNkulunkulu wabo. Awukwazi ukuthi iGibithe seliyashabalala na?
Abayikuhlala ezweni lakini, funa bakwenze ukuba wone kimi, ngokuba uma ubakhonza onkulunkulu babo, kuyakuba lugibe kuwe.
Uyakuqeda zonke izizwe uJehova uNkulunkulu wakho ayakuzinikela kuwe; iso lakho lingazihawukeli , ungakhonzi onkulunkulu bazo , ngokuba lokho kuyakuba lugibe kuwe.
yazini nokwazi ukuthi uJehova uNkulunkulu akasayikuzixosha lezo zizwe phambi kwenu, kepha zoba lugibe nesihibe kini , nenkalivasi ezinhlangothini zenu, nameva emehlweni enu , nize nibhubhe kuleli zwe elihle uJehova uNkulunkulu wenu aninike lona.
Ngalokho ngithi manje : Angiyikubaxosha phambi kwenu , kepha bayakuba sezinhlangothini zenu, onkulunkulu babo babe lugibe kini.
UGideyoni wenza ingubo yamahlombe ngakho , wayibeka emzini wakhe e - Ofira; bonke abakwa-Israyeli baya baphinga nayo khona ; yaba lugibe kuGideyoni nendlu yakhe.
Wayesethi uSawule : Ngiyakumnika yena ukuba abe lugibe kuye , isandla samaFilisti sibe phezu kwakhe . Ngalokho uSawule wathi kuDavide: Uyakuba ngumkhwenyana wami ngokwesibili namuhla.