UNehemiya owayengumbusi , no-Ezra umpristi nombhali , namaLevi ayebafundisa abantu , bathi kubantu bonke : Lolu suku lungcwele kuJehova uNkulunkulu wenu ; ningalili, ningakhali. Ngokuba bonke abantu bakhala , lapho bezwa amazwi omthetho.
Wayesethi kubo : Hambani nidle okunonileyo , niphuze okumnandi , nithumele izabelo kwabangalungiselwanga lutho , ngokuba lolu suku lungcwele kuJehova ; ningadabuki, ngokuba injabulo kaJehova iyinqaba yenu.
AmaLevi ayesethulisa abantu bonke , ethi: Thulani, ngokuba lolu suku lungcwele; ningadabuki.
Uma ulibo lungcwele, nenhlama injalo; uma impande ingcwele, namagatsha anjalo.