Skip to Content

"luvalo"

41 occurrences in ZUL

Kwathi ngokushona kwelanga ubuthon go obunzima bamehlela u -Abrama; bheka, washaywa luvalo lobumnyama obukhulu.

Washaywa luvalo , wathi: Yeka ukwesabeka kwale ndawo ! Akusikho okunye, yindlu kaNkulunkulu kuphela, yisango lezulu.

UJakobe wayeseshaywa luvalo kakhulu , ekhathazeka; wahlukanisa abantu ababenaye, nezimvu, nezinkomo, namakamela, kwaba ngamaqembu amabili,

Kwathi sebethulula amasaka abo, bheka, isikhwama semali salowo nalowo sasisesakeni lakhe ; lapho bona noyise bebona izikhwama zabo zemali , bashaywa luvalo.

Izizwe zizwile; ziyakuthuthumela; abakhe eFilistiya behlelwe luvalo.

Bayehlelwa luvalo nokwesaba; ngokobukhulu bengalo yakho bathulisa okwetshe, baze bawele abantu bakho , Jehova, baze bawele abantu bakho obathengileyo.

Silindela uk uthula, kepha okuhle akukho , nesikhathi sokuphulukiswa , kepha bheka, luvalo.

Ngase ngithi kini: Ningashaywa luvalo, ningabesabi.

Yizwa, Israyeli! Nisondela namuhla empini ukuhlasela izitha zenu; inhliziyo yenu mayingadangali , ningesabi, ningaqhaqhazeli, ningashaywa luvalo phambi kwazo,

Qinani, nime isibindi , ningesabi, ningashaywa luvalo ngabo , ngokuba uJehova u Nkulunkulu wakho nguyena ohamba nawe ; akayikukuyeka, akushiye.

Base bephenduka abantu bakwa -Israyeli, nabantu bakwaBenjamini bashaywa luvalo, ngokuba babona ukuthi behlelwe ngububi.

Lapho uSawule naye wonke u -Israyeli bezwa lawo mazwi omFilisti, bashaywa luvalo, besaba kakhulu.

UJehoshafati wayeseshaywa luvalo , wabhekisa ubuso bakhe ukumfuna uJehova, wamemezela ukuzila ukudla kulo lonke lwakwaJuda.

U-Esteri wathi : Ngumuntu omelene nathi , oyisitha, uHamani lo omubi . UHamani wayeseshaywa luvalo phambi kwenkosi nenkosikazi.

Kepha sekufikile kuwe , uyakhathazeka; kuyakuthinta wena , uyashaywa luvalo.

Lapho ngikhumbula nje , ngishaywa luvalo ; ukwesaba kubamba inyama yami.

Ngalokho ngishaywa luvalo ebusweni bakhe ; lapho ngikuqaphela , ngiyamesaba.

Zonke izitha zami ziyakuj abha, zishaywe luvalo ; ziyakuhlehla, zijabhe ngokuphazima kweso.

Mabashaywe luvalo , Jehova; abezizwe mabazazi ukuthi bangabantu nje . Sela

Abona, ayesemangala; ashaywa luvalo, aphaphatheka.

Ngifikelwe luvalo nokuqhaqhazela; ngikhwelwe ngukwesaba okukhulu.

Bonke abantu bayashaywa luvalo ; bayakushumayela izenzo zikaNkulunkulu, baqonde akwenzileyo.

Ungethuswa luvalo oluzumayo nokuchithwa kwababi, lapho kufika,

Ngadukelwa yingqondo , ngashaywa luvalo ; ukuhwelela engakulangazelel a kwaphenduka ukuthuthumela kimi.

Ngokuba ngezwi likaJehova i -Asiriya liyakushaywa luvalo, lapho elishaya ngenduku.

Washaywa luvalo ngobani , wamesaba, waze waqamba am anga, awangikhumbula, futhi ungakubekanga enhliziyweni yakho , na? Angithi njengokuba ngithulile kwasendulo, awungesabi, na?

Usho kanje uJehova , uthi: Ningayifundi indlela yabezizwe , ningashaywa luvalo ngezibonakaliso zasezulwini, ngokuba abezizwe bezesaba.

Umlahlile nokumlahla uJuda na ? Umphefumulo wakho unengiwe yiSiyoni na? Usishayeleni, singabi nakuphulukiswa , na? Sihlalela ukuthula , kepha okuhle akukho; nesikhathi sokuphulukiswa, kepha luvalo.

Ungabi luvalo kimi; uyisiphephelo sami ngosuku lobubi.

Ngokuba usho kanje uJehova, uthi: Bheka, ngiyakukwenza ukuba ube luvalo kuwe uqobo nakubo bonke abangane bakho ; bayakuwa ngenkemba yezitha zabo, amehlo akho akubone ; ngiyakunikela wonke uJuda esandleni senkosi yaseBabele, ibathumbele eBabele, ibabulale ngenkemba.

Ngizwile ukuhleba kwabaningi : Luvalo nxazonke . Mmangalele! Masimmangalele! Bonke abangane bami bayalinda ukuwa kwami . Mhlawumbe angayengwa, simahlule, siziphindisele kuye.

Ngikuboneleni na ? Baphelile amandla , babuyele emuva . Amaqhawe abo anqotshiwe, ayabaleka nokubaleka engabheki emuva ; luvalo nxazonke, usho uJehova.

Amatende abo nemihlambi yabo niyakukuthatha , bazithuthele izilenge zabo, nazo zonke izimpahla zabo , namakamela abo, bamemeze kubo, bathi: Luvalo nxazonke.

Wayesesondela lapho ngimi khona; lapho esefika, ngashaywa luvalo, ngawa ngobuso bami ; kepha wathi kimi : Qonda, ndodana yomuntu , ngokuba umbono ungowesikhathi sokuphela.

Kepha abafundi sebembonile ehamba phezu kolwandle bashaywa luvalo , bethi yisithunzi; bakhala ngokwesaba.

Isixuku sonke sambona qede sashaywa luvalo , sagijimela kuye , sambingelela.

UZakariya eyibona wethuka, wehlelwa luvalo.

Khona baphuma ukuyobona okwenzekileyo , bafika kuJesu , bamfumanisa umuntu okuphume kuye amademoni ehle zi ngasezinyaweni zikaJesu embethe, esangulukile; bashaywa luvalo.

Kepha bashaywa luvalo, besaba bethi babona ithongo.

Esakhuluma ngokulunga, nangokuzithiba, nangokwahlulela okuzayo , uFeliksi washaywa luvalo, waphendula wathi: Okwamanje hamba; kepha nxa ngithola isikhathi, ngizakukubiza,

Ngalelo hora kwaba khona ukuzamazama okukhulu komhlaba , kwawa okweshumi komuzi , nangokuzamazama komhlaba kwabulawa abantu abayizinkulungwane eziyisikhombisa , nabaseleyo b ashaywa luvalo , bamdumisa uNkulunkulu wezulu.