Kwathi esasondela ekamu, wabona ithole nokusina; ulaka lukaMose lwase luvutha, wazilahla izibhebhe ezandleni zakhe, wazaphula phansi kwentaba.
Lwase luvutha ulaka luka -Elihu, indodana kaBarakeli , umBuzi womndeni kaRamu; ulaka lwakhe lwavuthela uJobe , ngokuba wazithetha yena kunoNkulunkulu.
Ngokuba bheka , luyeza usuku , luvutha njengeziko ; bonke abaziqhenyayo nabo bonke abenza o kubi bayakuba ngamabibi ; luyakubashisa lolo suku oluzayo, usho uJehova Sebawoti, lungabashiyeli mpande nagatsha.