Bethani icilongo eSiyoni , nihlabe umkhosi entabeni yami engcwele; mabathuthumele bonke abakhe ezweni , ngokuba luyeza usuku lukaJehova , ngokuba lusondele;
INkosi iyakumhleka, ngokuba iyabona ukuthi usuku lwakhe luyeza.
Bheka, usuku lukaJehova luyeza , lunonya, lunokufutheka, lunokuvutha kolaka, ukuba lwenz ize umhlaba, luchithe izoni zawo kuwo.
Bhekani usuku ! Bhekani luyeza , sekuphezu kwakho; induku iyaqhakaza; ukuzidla kuyahluma.
Ngalolo suku k uyakuphuma izithunywa phambi kwami ngemikhumbi ukwesabisa amaKushe anokwethemba, kube yimihelo phezu kwawo ngosuku lweGibithe, ngokuba bheka, luyeza.
Bheka, luyeza usuku lukaJehova , lapho impango yakho iyakwahlukaniswa phakathi kwakho.
Ngokuba bheka , luyeza usuku , luvutha njengeziko ; bonke abaziqhenyayo nabo bonke abenza o kubi bayakuba ngamabibi ; luyakubashisa lolo suku oluzayo, usho uJehova Sebawoti, lungabashiyeli mpande nagatsha.