Mabethabe, bajabule abathokoza ngokulunga kwami ; mabathi njalonjalo: Makadunyiswe uJehova othokoza ngenhlanhla yenceku yakhe.
Makabongwe uJehova uNkulunkulu ka -Israyeli kusukela phakade kuze kube phakade. Abantu bonke mabathi: Amen. Haleluya!
Mabathi abamesabayo uJehova: Yebo, umusa wakhe umi phakade.
Bonke abayizigqila phansi kwejoka mabathi abanumzane babo bafanele ukutuswa impela , ukuze igama likaNkulunkulu nesifundiso kungahlanjalazwa.