"madoda"
82 occurrences in ZUL
Bambiza uLoti, bathi kuye: Aphi lawa madoda angenise kuwe ebusuku na ? Sikhiphele wona ukuba siwazi.
Bhekani, nginamadodakazi amabili angayazi ndod a; ake nginiphumisele wona, nenze kuwo njengokufanele emehlweni enu ; kepha kulawa madoda ningenzi lutho, ngokuba angene emthunzini wophahla lwami.
UJosefa esembona uBenjamini enabo , wathi kophezu kwendlu yakhe : Ngenisa lawa madoda endlini , uhlabe, ulungise, ngokuba lawa madoda ayakudla nami emini.
Wayala inceku yendlu yakhe , wathi: Gcwalisa amasaka alawa madoda ngokudla okulingene namandla abo okuthwala , ufake imali yalowo nalowo emlonyeni wesaka lakhe.
Esephumile emzini , engakabi kude , uJosefa wathi encekwini yakhe : Suka ulandele lawo madoda ; nxa uwafica, yisho kuwo ukuthi : Niphindiseleni okuhle ngokubi na?
Lawa madoda angabelusi bezimvu , ngokuba ayengamadoda emfuyo ; aselethile izimvu zawo, nezinkomo zawo, nakho konke anakho.
Kungabi njalo; hambani nina madoda nimkhonze uJehova , ngokuba yikho enikufunayo. Base bexoshwa ebusweni bukaFaro.
Lawo madoda at hi kuye : Singcolisiwe yisidumbu somuntu ; sivinjelelwani ukunikela ngomnikelo kaJehova ngesikhathi sawo esinqunyiweyo phakathi kwabantwana bakwa-Israyeli na?
Nalawo madoda athunywa nguMose ukuhlola izwe , abuya akhononisa yonke inhlangano ngaye ngokuletha umbiko omubi ngezwe,
Yayisithi ingelosi kaJehova kuBileyamu: Hamba nalawa madoda, kepha lelo zwi kuphela engiyakulikhuluma kuwe uyak ulikhuluma. UBileyamu wayesehamba nezikhulu zikaBalaki.
Inkosi yaseJeriko yathumela kuRahabi, yathi: Khipha lawo madoda afikile kuwe, angena endlini yakho, ngokuba ezile ukuzohlola izwe lonke.
Owesifazane wayesethatha lawo madoda omabili , wawathukusa, wathi: Kunjalo; amadoda afika kimi, kepha ngangingazi ukuthi avelaphi;
kwathi ngesikhathi sokuvalwa kwesango lapho sekumnyama , amadoda aphuma; angazi ukuthi ayaphi lawo madoda ; sheshani niwaxoshe, ngokuba niyakuwafica.
Ayesebuya lawo madoda omabili , ehla entabeni , awela, afika kuJoshuwa indodana kaNuni, amtshela konke okuwehleleyo.
UJoshuwa wayesebiza lawo madoda ayishumi nambili ayewakhethile kubantwana bakwa-Israyeli, indoda inye ngesizwe.
UJoshuwa wathi kulawo madoda amabili ayelihlolile izwe: Ngenani endlini yesifebe, nikhiphe kuyo owesifazane nabo bonke anabo , njengalokho namfungela.
Wayesethi uJehova kuGideyoni : Ngalawo madoda amakhulu amathathu axhaphayo ngizakunisi ndisa, ngibanikele abakwaMidiyani esandleni sakho ; bonke abanye abantu mabahambe, yilowo nalowo aye endaweni yakhe.
Abantu base bethatha umphako ngesandla sabo namacilongo abo ; bonke abanye abakwa-Israyeli wabathuma , kwabayilowo nalowo etendeni lakhe , wagcina lawo madoda amakhulu amathathu; ikamu lakwaMidiyani laliphansi kwakhe esigodini.
Kepha izikhulu zamaFilisti zamthukuthelela; izikhulu zamaFilisti zathi kuye: Buyisa lowo muntu ukuba abuyele endaweni yakhe om mise kuyo, angehleli nathi empini, funa abe yisitha sethu empini , ngokuba lona ubeyakuyigculisa ngani inkosi yakhe kungengamakhanda alawo madoda na?
Lapho sebemtshela uDavide lokho , wathumela ukuzihlangabeza , ngokuba ayenamahloni kakhulu lawo madoda . Yathi inkosi : Hlalani eJeriko , zize zihlume izilevu zenu, bese nibuya.
Lawo madoda amabili , abantu ababi , angena, ahlala phambi kwakhe ; bafakaza labo bantu ababi ngaye, bathi: Yena uNaboti uthukile uNkulunkulu nenkosi. Base bemkhiphela ngaphandle komuzi , bamkhanda ngamatshe , wafa.
Onke lawo madoda empi , angahlela impi , afika eHebroni ngezinhliziyo ezipheleleyo ukubeka uDavide inkosi kwa -Israyeli; nabo bonke abaseleyo bakwa-Israyeli babenhliziyonye ukumbeka uDavide inkosi.
Bahamba, bamtshela uDavide ngalawo madoda . Wathuma ukuwahlangabeza, ngokuba ayenamahloni kakhulu lawo madoda . Yathi inkosi: Hlalani eJeriko, zize zihlume izilevu zenu, bese nibuya.
Lapho u-Elihu esebona ukuthi ayikho impendulo emilonyeni yalawo madoda amathathu, lwavutha ulaka lwakhe.
Inkosi uSedekiya yayisifunga ngasese kuJeremiya , yathi: Kuphila kukaJehova owasenzela lo mphefumulo , angiyikukubulala, futhi angiyikukunikela esandleni salawa madoda afuna ukuphila kwakho.
Ndodana yomuntu, lawa madoda angenisile izithombe zawo ezinh liziyweni zawo, abeka isikhubekiso sokona kwawo phambi kobuso bawo . Impela ngiyakubuzwa yiwo na?
noma ebekhona phakathi kwalo lawa madoda amathathu , oNowa, noDaniyeli, noJobe, wona ayeyakophula imiphefumulo yawo kuphela ngokulunga kwawo, isho iNkosi uJehova.
noma ebekhona lawo madoda amathathu phakathi kwalo , kuphila kwami, isho iNkosi uJehova , ayengayikophula amadodana noma amadodakazi , ophulwe wona odwa, izwe libe yincithakalo.
noma ebekhona lawo madoda amathathu phakathi kwalo , kuphila kwami, isho iNkosi uJehova , ayengayikophula amadodana noma amadodakazi , ophulwe wona odwa.
Kukhona amadoda abaJuda owabeke phezu kwezindaba zesifunda saseBabele, oShadiraki, noMeshaki, no-Abedi Nego ; lawa madoda , nkosi, awakunakanga; awakhonzi onkulunkulu bakho , awakhuleki esithombeni segolide osimisileyo.
Khona uNebukadinesari wayaleza ngolaka nangokufutheka ukuba kulethwe oShadiraki, noMeshaki, no-Abedi Nego. Base beletha lawo madoda phambi kwenkosi.
Aboshwa-ke lawa madoda egqoke amayembe , namabhulukwe, nezigqoko, nezinye izingubo, aphonswa phakathi kwesithando somlilo ovuthayo.
Ngalokho ngokuba isiya lezelo senkosi sasicindezele , nesithando somlilo sasishisa kakhulu , ilangabi lomlilo lawabulala lawo madoda abakhuphula oShadiraki, noMeshaki, no-Abedi Nego.
Kepha lawa madoda amathathu , oShadiraki, noMeshaki, no-Abedi Nego , awela phansi eboshiwe phakathi nesithando somlilo ovuthayo.
Izikhulu, nababusi, nezinduna, nabomkhandlu wenkosi babuthana, babona lawo madoda ukuthi umlilo awubanga namandla emizimbeni yaw o, kungahamukanga lunwele olulodwa emakhanda awo , engaguqukanga amayembe awo, lingasondelanga kuwo nephunga lomlilo.
Ayesethi lawa madoda : Asiyikuthola lutho ngoDaniyeli , uma singalutholi kokuqondene nomthetho kaNkulunkulu wakhe.
Ayesebuthana lawo madoda enkosini , athi enkosini: Yazi, nkosi, ukuthi kungumthetho wamaMede namaPheresiya ukuba kungaguqulwa isiyalezo nesimiso esimiswa yinkosi.
Inkosi yayaleza, alethwa lawo madoda ayemangalele uDaniyeli , aphonswa emphandwini wezingonyama , wona nabantwana bawo , nawomkawo; izingonyama zatheleka phezu k wabo, zachoboza amathambo abo , bengakafinyeleli phansi emphandwini.
Ngokuba ngithi kini : Ayikho neyodwa yalawo madoda abemenyiwe eyakulizwa idili lami. Abafundi bakaJesu abayibo (Math. 10:37)
athi: Madoda aseGalile, nimeleni nibheka ezulwini na ? UJesu lo, osuswe kini enyuselwa ezulwini , uyakuza kanjalo , njengalokho nimbonile eya ezulwini.
Madoda, bazalwane, kwakumelwe ukuba kugcwaliseke umbhalo uMoya oNgcwele awukhulumayo ngaphambili ngomlomo kaDavide ngoJuda owayengumholi kulabo ababamba uJesu,
Ngakho kulawo madoda ayehamba nathi isikhathi sonke , lapho iNkosi uJesu ingena, iphuma phakathi kwethu,
Wayesesukuma uPetru nabayishumi nanye , waphakamisa izwi lakhe, waphumisela wathi kubo : Madoda akwaJuda nani nonke enakhileyo eJerusalema, makwazeke lokhu kini, nibeke indlebe emazwini ami.
Madoda akwa-Israyeli, zwanini lawa mazwi: UJesu waseNazaretha, indoda efakazelwe nguNkulunkulu phambi kwenu ngemisebenzi yamandla nangezimangaliso nangezibonakaliso uNkulunkulu azenza ngaye phakathi kwenu, njengalokhu nazi nina uqobo lwenu,
Madoda, bazalwane, ake ngikhulume kini ngokusobala ngokhokho uDavide ukuthi wafa , nokuthi wembelwa , nokuthi ithuna lakhe lisekhona kithi nanamuhla.
Sebekuzwa bahlabeka enhliziyweni , bathi kuPetru nakwabanye abaphostoli: Madoda, bazalwane, siyakwenze njani na?
Khona uPetru ebona lokho wathatha wathi kubantu: Madoda akwa-Israyeli, nimangalelani ngalona, nisigqolozelelani ngokungathi simenze ukuba ahambe ngawethu amandla nangokwethu ukukholwa na?
Yena wathi : Madoda, bazalwane, nani bobaba, lalelani. UNkulunkulu wenkazimulo wabonakala kubaba u -Abrahama eseMesopotamiya, engakakhi eHarana,
Nangangomuso wafika kubo belwa , wazama ukubalamula, babuyisane, wathi: Madoda, ningabazalwane; niphathanelani kabi na?
Sekufundiwe umthetho nabaprofethi, abaphathi besinagoge bathumela kubo, bathi: Madoda, bazalwane, uma ninezwi lokuyala abantu, khulumani.
Wayesesukuma uPawulu , waqhweba ngesandla , wathi: Madoda akwa - Israyeli, nani enesaba uNkulunkulu, lalelani:
Madoda, bazalwane, madodana ohlanga luka -Abrahama, nabaphakathi kwenu abamesabayo uNkulunkulu, izwi lale nsindiso lithunyelwe kithi.
Ngakho-ke m akwazeke kini madoda , bazalwane, ukuthi ngalowo kumenyezelwa kini ukuthethelelwa kwezono , nakukho konke ebeningenakulungisiswa kukho ngomthetho kaMose
bethi: Madoda, nikwenzelani lokhu na ? Nathi singabantu abanjengani ngemvelo, sinishumayeza ivangeli ukuba niphenduke kulokho okuyize , niphendukele kuNkulunkulu ophilayo owenza izulu nomhlaba , nolwandle, nakho konke okukukho,
Sebephikisene kakhulu, wasukuma uPetru, wathi kubo: Madoda, bazalwane, niyazi ukuthi sekukade uNkulunkulu wakhetha phakathi kwenu ukuba abezizwe bezwe izwi levangeli ngomlomo wami, bakholwe.
UPawulu wema -ke phakathi ne-Areyophagu, wathi: Madoda ase -Athene, ngiyabona ngakho konke ukuthi nikhonza kakhulu onkulunkulu.
waqoqa bona kanye nezisebenzi ezinjalo, wathi: Madoda, niyazi ukuthi kulo msebenzi kuvela ingcebo yethu,
Kepha umbhali esebathulisile abantu wathi: Madoda ase -Efesu, kukhona yini phakathi kwabantu ongaziyo ukuthi umuzi wase -Efesu ungumlondi wethempeli likaDiyana omkhulu nowesithombe esawa ezulwini na?
Ngokuba nilethile lawa madoda angesibo abaphangi bamathempeli nokuba abahlambalaza uNkulunkulu wethu.
Khona uPawulu wawathatha lawo madoda , ngangomuso wayesezihlambulula kanye nawo , wangena ethempelini , wabika ukuphela kwezinsuku zokuhlanjululwa, kuze kulethwe umnikelo ngenxa yawo onke. AbaJuda bavusa umsindo; uPawulu uyaboshwa
bamemeza bathi : Madoda akwa -Israyeli, yelekelelani; nguye lo muntu ofundisa bonke ezindaweni zonke okuphambene nes izwe, nomthetho, nale ndawo, futhi wangenisa ethempelini amaGreki , wayingcolisa le ndawo engcwele.
UPawulu wayesegqolozela umphakathi , wathi: Madoda, bazalwane, mina ngihambile phambi kukaNkulunkulu nginonembeza wonke omuhle kuze kube namuhla.
Kepha kwathi uPawulu azi ukuth i enye inxenye yabo ingabaSadusi nenye ingabaFarisi, wamemeza emphakathini , wathi: Madoda, bazalwane, ngingumFarisi mina , ngiyindodana yabaFarisi ; ngimangalelwa ngethemba nangokuvuka kwabafileyo.
UFestu wathi : Nkosi, Agripha, nani nonke nina madoda enikhona lapha kanye nathi , niyambona lona oluze ngaye kimi lonke uquqaba lwabaJuda eJerusalema nalapha, lumemeza luthi akafanele ukuba abe esaphila.
wathi kubo : Madoda, ngiyabona ukuthi lolu hambo luzakuba nengozi nokuchithakala okukhulu , kungabi ngokwempahla nokomkhumbi kuphela kepha nokokuphila kwethu.
Sekuyisikhathi eside bengasadli lutho, uPawulu wasukuma phakathi kwabo, wathi: Madoda, ngabe nalalela mina , kanamuka eKrethe , naphepha kule ngozi nakulokhu kuchithakala.
Ngalokho yimani isibindi, madoda; ngokuba ngiyakholwa nguNkulunkulu ukuthi kuzakuba njengalokho kukhulunyiwe kimi.