Qinani nibe ngamadoda nina maFilisti ukuba ningabi yizigqila zamaHeberu , njengalokho ebeyizigqila zenu. Yibani ngamadoda, nilwe!
Ngalokho uDavide wabuza kuJehova, wathi: Ngiye ngibulale lawo maFilisti na? UJehova wathi kuDavide: Hamba uwabulale amaFilisti, usindise iKeyila.